Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




ULevitikusi 20:3 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

3 Ngiyakubeka ubuso bami bumelane nalowo muntu, ngimnqume kubantu bakubo, ngokuba unikela ngenzalo yakhe kuMoloki ukungcolisa indlu yami engcwele nokuhlambalaza igama lami elingcwele.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

3 Mina uqobo ngiyomelana nalowo muntu, ngimnqume kubantu bakubo, ngokuba enikele ngenzalo yakhe kuMolekhi wangcolisa indawo yami engcwele, walihlambalaza iGama lami elingcwele.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

3 Ngiyakubeka ubuso bami bumelane nalowo muntu, ngimnqume phakathi kwabantu bakubo; ngoba wanika uMologi enye inzalo yakhe ukuze angcolise indlu yami engcwele futhi angcolise ibizo lami elingcwele.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




ULevitikusi 20:3
16 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Yilowo nalowo owathaka anjengawo nalowo owathela kumfokazi uyakunqunywa kubantu bakubo.’ ”


“ ‘Nina ndlu yakwa-Israyeli, isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Hambani nikhonze, kube yilowo isithombe sakhe, kepha impela ngasemuva niyakungilalela, ningabe nisalingcolisa igama lami elingcwele ngeminikelo yenu nangezithombe zenu.


Ngalokho, kuphila kwami, isho iNkosi uJehova, ngokuba uyingcolisile indlu yami engcwele ngakho konke okuzondekayo kwakho nangazo zonke izinengiso zakho, ngalokho ngiyakukunciphisa impela, iso lami lingahawukeli, ngingabi nabubele.


“ ‘Kanjalo niyakwahlukanisa abantwana bakwa-Israyeli nokungcola kwabo ukuba bangafi ekungcoleni kwabo, lapho bengcolisa itabernakele* lami eliphakathi kwabo.’ ”


“ ‘Yilowo nalowo muntu wendlu yakwa-Israyeli noma owabafokazi abagogobeleyo phakathi kwabo odla igazi noma yiliphi, ngiyakumisa ubuso bami bumelane nalowo muntu odla igazi, ngimnqume kubantu bakubo.


“ ‘Unganikeli ngenzalo yakho ukuyahlukanisela kuMoloki, ungahlambalazi igama likaNkulunkulu wakho; nginguJehova.


“ ‘Ningafungeli igama lami amanga, uze uhlambalaze igama likaNkulunkulu; nginguJehova.


Uma abantu balelo zwe besitheza kancane amehlo abo kulowo muntu, lapho enikela ngenzalo yakhe kuMoloki, bangambulali,


Bayakuba ngcwele kuNkulunkulu wabo, bangahlambalazi igama likaNkulunkulu wabo, ngokuba banikela ngeminikelo yomlilo kaJehova, isinkwa sikaNkulunkulu wabo; ngalokho bayakuba ngcwele.


Kodwa umuntu oyidla inyama yomhlatshelo weminikelo yokuthula engekaJehova esenakho ukungcola kwakhe, lowo muntu uyakunqunywa kubantu bakubo.


Nanxa umuntu ethinta into engcolileyo, ukungcola komuntu noma isilwane esingcolileyo noma into engcolileyo enengekayo, adle inyama yomhlatshelo weminikelo yokuthula engekaJehova, lowo muntu uyakunqunywa kubantu bakubo.’ ”


Yilowo nalowo othinta isidumbu somuntu ofileyo, angaziphothuli, uyangcolisa itabernakele* likaJehova; lowo muntu uyakunqunywa ku-Israyeli, ngokuba amanzi okuphothula akafafazwanga ngawo; uyakuba ngongcolile; ukungcola kwakhe kuse kuye.


Kepha umuntu ongcolayo engaziphothuli, lowo muntu uyakunqunywa phakathi kwebandla, ngokuba ungcolisile indlu engcwele kaJehova; amanzi okuphothula akafafazwanga ngawo; ungcolile.


Linakuvumelana kuni ithempeli likaNkulunkulu nezithombe na? Ngokuba thina siyithempeli likaNkulunkulu ophilayo, njengokuba washo uNkulunkulu ukuthi: “Ngiyakuhlala phakathi kwabo, ngihambe phakathi kwabo; ngiyakuba nguNkulunkulu wabo, bona babe ngabantu bami.”


ngokuba amehlo eNkosi aphezu kwabalungileyo, izindlebe zayo zisekunxuseni kwabo, kepha ubuso beNkosi buphezu kwabenza okubi.”


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ