Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




ULevitikusi 2:9 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

9 Umpristi makathabathe okuyisikhumbuzo kuwo umnikelo wempuphu, akushise e-altare kube ngumnikelo womlilo, kube yiphunga elimnandi kuJehova.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

9 Umphristi uyothatha eyakhe ingxenye, kuthi okunye akushise kube nentuthu e-althare, umnikelo womlilo, ube yiphunga elimnandi kuSimakade.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

9 Umpristi kumelwe athathe kuwo umnikelo wesikhumbuzo emnikelweni wempuphu awushise e-altare; kungumnikelo womlilo wephunga elimnandi kuJehova.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




ULevitikusi 2:9
19 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Woyishisa yonke inqama e-altare; kungumnikelo wokushiswa kuJehova, yiphunga elimnandi, ngumnikelo womlilo kuJehova.


Nokho uJehova wathanda ukuyishaya ngezifo; lapho wenza umphefumulo wayo ube ngumnikelo wecala, iyakubona inzalo yayo, yenze izinsuku zayo zibe ziningi, nentando kaJehova iyakuphumelela esandleni sayo.


ahlanze izibilini zalo namanqina alo ngamanzi, umpristi akushise konke e-altare, kube ngumnikelo wokushiswa, umnikelo womlilo, ube yiphunga elimnandi kuJehova.


Umpristi ashise okuyisikhumbuzo sawo, inxenye yamabele agquliweyo awo nenxenye yamafutha awo kanye nayo yonke inhlaka yawo; kungumnikelo womlilo kuJehova.


awulethe kumadodana ka-Aroni, abapristi, acaphune kuwo ngokhweshe wempuphu ecolekileyo yawo nowamafutha awo, kanye nayo yonke inhlaka yawo, umpristi awushise ube yisikhumbuzo sawo e-altare, umnikelo womlilo, ube yiphunga elimnandi kuJehova;


Woletha kuJehova umnikelo wempuphu owenziwe ngalezo zinto, unikelwe kumpristi, yena awuyise e-altare.


Uyakubeka inhlaka ecwengekileyo ezinqwabeni zombili, ibe yisikhumbuzo esinkweni nomnikelo womlilo kuJehova.


Onke amanoni awo uyakuwasusa, njengalokhu amanoni esuswa emhlatshelweni weminikelo yokuthula, umpristi awashise e-altare abe yiphunga elimnandi kuJehova, umpristi amenzele ukubuyisana, aze athethelelwe.


awulethe kumpristi, umpristi acaphune kuwo ngokhweshe, kube yisikhumbuzo sawo, akushise e-altare phezu kweminikelo yomlilo kaJehova; kungumnikelo wesono.


Makucashunwe kuwo ngokhweshe impuphu ecolekileyo yomnikelo wempuphu namafutha awo, nayo yonke inhlaka ephezu komnikelo wempuphu, akushise e-altare kube yisikhumbuzo sawo, kube yiphunga elimnandi kuJehova.


“Vuka, nkemba, uvukele umalusi wami, uvukele umuntu ongumngane wami,” usho uJehova Sebawoti. “Shaya umalusi, zize zihlakazeke izimvu, bese ngiphendulela abancane isandla sami.


Ngiyakungenisa inxenye yesithathu emlilweni, ngibacwengisise njengokucwengisiswa kwesiliva, ngibavivinye njengokuvivinywa kwegolide; bayakubiza igama lami, ngibaphendule, ngithi: ‘Bangabantu bami;’ base bethi: ‘UJehova unguNkulunkulu wami.’ ”


umpristi uyakucaphuna ukhweshe womnikelo wempuphu, ube yisikhumbuzo sawo, awushise e-altare, andukuba amphuzise owesifazane amanzi.


Ngakho ngiyanincenga, bazalwane, ngobubele bukaNkulunkulu ukuba ninikele imizimba yenu ibe ngumnikelo ophilileyo, ongcwele, othandeka kuNkulunkulu, kube ngukukhonza kwenu kokuqonda;


wokuba ngibe yisikhonzi sikaKristu Jesu kwabezizwe, ngikhonze ivangeli likaNkulunkulu njengompristi, ukuze abezizwe babe ngumnikelo owamukeleka kahle, ungcwelisiwe ngoMoya oNgcwele.


nihambe othandweni, njengalokho uKristu wanithanda, wazinikela ngenxa yethu, abe ngumnikelo nomhlatshelo, abe yiphunga elimnandi kuNkulunkulu.


Yebo, nokuba nginikelwa emhlatshelweni nasenkonzweni yokukholwa kwenu, ngiyathokoza, ngithokoza kanye nani nonke;


Kepha nginakho konke ngokweqileyo; nganelisiwe sengamukelisiwe ngu-Ephafrodithu okuvela kinina, iphunga elimnandi, umhlatshelo omuhle nothokozisayo kuNkulunkulu.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ