Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




ULevitikusi 2:4 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

4 “ ‘Nxa uletha umnikelo wempuphu ephekwe eziko, woba ngamaqebelengwane angenamvubelo empuphu ecolekileyo exovwe namafutha, noma imiqathane engenamvubelo, egcotshwe ngamafutha.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

4 “ ‘Uma unikela ngomnikelo wokusanhlamvu obhakwe kuhhavini, mawube ngowempuphu ecolisekileyo: amaqebelengwane angenamvubelo axovwe namafutha, noma amaweyifa angenamvubelo agcotshwe ngamafutha.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

4 Uma uletha umnikelo womlilo ophekwe eziko, woba amaqebelengwane angenamvubelo empuphu ecolekileyo exovwe namafutha, noma amaqebelengwane angenamvubelo, agcotshwe ngamafutha.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




ULevitikusi 2:4
21 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Ngichithiwe njengamanzi; onke amathambo ami enyele; inhliziyo yami injengengcina, incibilikile phakathi kwezibilini zami.


Bazakuyidla inyama ngalobo busuku, yosiwe ngomlilo; bayakuyidla kanye nesinkwa esingenamvubelo nemifino ebabayo.


Indlu yakwa-Israyeli yaqamba igama lakho ngokuthi imana;* kwakunjengembewu yekoriyanderi,* kumhlophe; kwezwakala emlonyeni kungathi ngamaqebelengwane anezinyosi.


nesinkwa esingenamvubelo, namaqebelengwane angenamvubelo, agcotshwe ngamafutha; ukwenze ngempuphu ecolekileyo kakolweni.


“Bheka inceku yami engiyisekelayo, okhethiweyo wami othokoza ngaye umphefumulo wami; nginikele umoya wami phezu kwakhe, uyakukhiphela izizwe ukwahlulela.


UMoya weNkosi uJehova uphezu kwami, ngokuba uJehova ungigcobile ukuba ngishumayele izindaba ezinhle kwabathotshisiweyo; ungithumele ukubopha abanhliziyo ezaphukileyo, nokumemezela ukukhululwa kwabathunjwa nokuvulelwa kweziboshwa itilongo,


Wathi kimi: “Nansi indawo lapho abapristi beyakuphekela khona umnikelo wecala nomnikelo wesono, nalapho beyakwenza khona umnikelo wempuphu, ukuze bangawuphumiseli egcekeni elingaphandle, bangcwelise abantu.”


Alihlabe ngasohlangothini lwe-altare olungasenyakatho phambi kukaJehova; amadodana ka-Aroni, abapristi, afafaze i-altare ngegazi lalo nxazonke.


UMose wakhuluma ku-Aroni naku-Eleyazare naku-Itamari amadodana akhe aseleyo, wathi: “Thathani umnikelo wempuphu osele eminikelweni yomlilo kaJehova, niwudle ungenamvubelo ngaseceleni kwe-altare, ngokuba ungcwelengcwele,


Akuyikuphekwa ngemvubelo. Ngikunike kube yisabelo sabo seminikelo yami yomlilo; kungcwelengcwele njengomnikelo wesono nanjengomnikelo wecala.


“ ‘Uma enikela ngawo ube ngumnikelo wokubonga, uyakunikela kanye nomhlatshelo wokubonga ngamaqebelengwane angenamvubelo exovwe namafutha, nemiqathane engenamvubelo, egcotshwe ngamafutha, namaqebelengwane empuphu ecolekileyo axovwe namafutha.


neqoma lesinkwa esingenamvubelo, amaqebelengwane empuphu ecolekileyo exovwe namafutha, nemiqathane engenamvubelo, egcotshwe ngamafutha, nomnikelo wempuphu nowokuphuzwa walokho.


Khona wathi kubo: “Umphefumulo wami ulusizi kakhulu kuze kube sekufeni; hlalani lapha, nilinde kanye nami.”


“Kalokhu umphefumulo wami ulusizi, ngizakuthini na? Baba, ngisindise kulo mzuzu. Kodwa ngenxa yalokhu ngize kulo mzuzu.


Ngokuba lowo uNkulunkulu amthumileyo ukhuluma amazwi kaNkulunkulu; ngokuba akaniki uMoya ngokulinganisela.


Ngokuba umpristi omkhulu onjalo usifanele thina, ongcwele, ongenacala, ongenabala, owahlukanisiwe nezoni, owenziwa aphakame phezu kwamazulu,


Ngakho lahlani ububi bonke, nobuqili bonke, nokuzenzisa, nomhawu, nokuhleba konke;


“Ongenzanga isono, akufunyanwanga nankohliso emlonyeni wakhe,”


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ