Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




ULevitikusi 2:14 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

14 “ ‘Uma unikela ngomnikelo wempuphu wolibo kuJehova, wonikela ngezikhwebu zamabele ezosiwe ngomlilo, amabele agquliweyo ezikhwebu ezintsha, ube ngumnikelo wempuphu wolibo lwakho,

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

14 “ ‘Uma uletha umnikelo wokusanhlamvu wolibo kuSimakade, uyonikela ngeminyani yamabele eshiswe ngomlilo, amabele abhuliweyo eminyani emisha, kube ngumnikelo wokusanhlamvu wolibo lwakho,

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

14 “ ‘Uma ulungisa umnikelo womlilo wolibo lwakho kuJehova, uyakuwulungisela izikhwebu zakho eziluhlaza, ezomiswe ngomlilo, zibe ngumnikelo womlilo wezikhwebu zakho ezibhuliweyo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




ULevitikusi 2:14
16 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Kwathi emva kwezinsuku ezithile uKayini waletha kuJehova umnikelo wezithelo zomhlabathi.


Kwavela umuntu waseBali Shalisha, walethela lo muntu kaNkulunkulu ukudla kolibo, izinkwa zebhali* ezingamashumi amabili nezikhwebu ezintsha zamabele enqalathini yakhe. Wathi: “Banike abantu ukuba badle.”


uthele amafutha kuwo, ubeke inhlaka phezu kwawo; kungumnikelo wempuphu.


Umpristi ashise okuyisikhumbuzo sawo, inxenye yamabele agquliweyo awo nenxenye yamafutha awo kanye nayo yonke inhlaka yawo; kungumnikelo womlilo kuJehova.


“Nxa nihlabela uJehova umhlatshelo wokubonga, niyakumhlabela ukuba namukeleke.


“Yisho kubantwana bakwa-Israyeli, uthi kubo: ‘Nxa nifikile ezweni engininika lona, nivune isivuno salo, anoletha kumpristi isithungu solibo lwesivuno senu;


Umnikelo wawo wempuphu woba ngokweshumi okubili kwempuphu ecolekileyo, exovwe namafutha, umnikelo womlilo kuJehova, ube yiphunga elimnandi, nomnikelo wawo wokuphuzwa woba ngokwesine kwehini* lewayini.


Umpristi uyakuzizulisa kanye nesinkwa solibo zibe ngumnikelo wokuzuliswa phambi kukaJehova kanye nezimvu ezimbili; ziyakuba ngcwele kuJehova, zibe ngezompristi.


Ngokuba kusukela ekuphumeni kwelanga kuze kube sekushoneni kwalo igama lami likhulu phakathi kwezizwe; ezindaweni zonke igama lami lishiselwa impepho kanye neminikelo ehlambulukileyo, ngokuba igama lami likhulu phakathi kwezizwe,” usho uJehova Sebawoti.


“Yala abantwana bakwa-Israyeli, uthi kubo: ‘Umnikelo wami, isinkwa sami seminikelo yami yomlilo yephunga elimnandi kimi, niyakuqaphela ukunikela ngawo kimi ngesikhathi sawo.’


Kepha kalokhu uKristu uvusiwe kwabafileyo, engulibo lwabaleleyo.


uthathe ulibo lwezithelo zonke zomhlaba olubuthayo ezweni uJehova uNkulunkulu wakho akunika lona, ulufake eqomeni, uye endaweni uJehova uNkulunkulu wakho ayakuyikhetha ukuba igama lakhe lihlale kuyo.


Labo yibo abangangcoliswanga yisifazane, ngokuba bayizintombi. Labo yibo abalandela iWundlu noma liyaphi. Labo bathengwa ebantwini, babe lulibo kuNkulunkulu nakulo iWundlu,


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ