Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




ULevitikusi 19:7 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

7 Uma kudliwa nokuncane ngosuku lwesithathu, kuyisinengiso; awuyikwamukeleka;

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

7 Uma udliwa ngosuku lwesithathu, inyama yawo eseyonakele ayiyukwemukeleka.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

7 Uma kudliwa ngosuku lwesithathu, kuyisinengiso; ngeke kwamukelwe.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




ULevitikusi 19:7
9 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Ningabe nisaletha iminikelo eyize yempuphu; impepho iyisinengiso kimi; ezokwethwasa kwenyanga namasabatha nokubiza imihlangano angivumi ububi kanye nemikhosi.


abahlala emathuneni, balale ezindaweni ezisithekileyo, badle inyama yezingulube, benomhluzi wezinto ezinengekayo ezitsheni zabo,


Ohlaba inkunzi ebulala nomuntu, nohlaba iwundlu eyaphula nentamo yenja, nonikela ngomnikelo wempuphu, kepha enikela nangegazi lezingulube, noshisa inhlaka, ebonga nesithombe, yebo, laba bakhethile izindlela zabo, nemiphefumulo yabo iyathokoza ngezinengiso zabo.


Kuqala ngiyakuphindisela ngokuphindiweyo ububi babo nezono zabo, ngokuba balingcolisile izwe lami ngezidumbu zezinto zabo ezizondekayo, baligcwalisa ifa lami ngezinengiso zabo.”


Uyakudliwa ngosuku lokunikela kwenu nangakusasa; uma kusele okuthile kuze kube lusuku lwesithathu, kuyakushiswa ngomlilo.


yilowo nalowo owudlayo uyakuthwala ububi bakhe, ngokuba udumazile okungcwele kukaNkulunkulu; lowo muntu uyakunqunywa kubantu bakubo.


Inkunzi noma imvana enesitho esidluleleyo noma enesitho esincane, unganikela ngazo zibe ngumnikelo wesihle, kepha uma ungowesithembiso awunakwamukeleka.


Aniyikwamukela esandleni sowezizwe, ninikele ngezinjalo zibe yisinkwa sikaNkulunkulu wenu, ngokuba ukonakala kwazo kukuzo, zinobulima; aniyikwamukeleka ngazo.’ ”


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ