Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




ULevitikusi 19:5 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

5 “ ‘Nxa ninikela kuJehova ngomhlatshelo weminikelo yokuthula, anonikela ngawo ukuba namukeleke.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

5 “ ‘Lapho ninikela ngomhlatshelo wokuthula kuSimakade, niyowunikela ngendlela eyokwenza namukeleke.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

5 Uma unikela ngomnikelo wokubonga kuJehova, uyakunikela njengokuthanda kwakho;

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




ULevitikusi 19:5
16 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

UHezekiya wamisa izigaba zabapristi nezamaLevi ngezigaba zabo, kwaba yilowo nalowo njengenkonzo yakhe, abapristi namaLevi beminikelo yokushiswa neminikelo yokuthula, ukuba bakhonze, babonge, badumise emasangweni ekamu* likaJehova,


Wathuma izinsizwa zabantwana bakwa-Israyeli, zanikela ngeminikelo yokushiswa, zahlabela uJehova imihlatshelo yokuthula yezinkunzi.


Lapho isikhulu siyakulungisa umnikelo wesihle, umnikelo wokushiswa neminikelo yokuthula ibe ngumnikelo wesihle kuJehova, siyakuvulelwa isango elibheke ngasempumalanga, silungise umnikelo waso wokushiswa neminikelo yaso yokuthula njengokwenza kwaso ngosuku lwesabatha, bese siphuma; nalapho sesiphumile, isango liyakuvalwa.


Isikhulu siyakungena ngendlela yompheme wesango ngaphandle, sime ngasensikeni yesango, abapristi balungise umnikelo waso wokushiswa neminikelo yaso yokuthula, sikhuleke ngasembundwini wesango; bese siphuma, kepha isango aliyikuvalwa kuze kube kusihlwa.


“ ‘Uma umnikelo wakhe ungumnikelo wokushiswa wemihlambi, uyakunikela ngeduna elingenasici, anikele ngalo ngasemnyango wetende lokuhlangana, aze amukeleke kuJehova.


“ ‘Ningaphendukeli kuzo izithombe, ningazenzeli onkulunkulu ababunjiweyo; nginguJehova uNkulunkulu wenu.


Uyakudliwa ngosuku lokunikela kwenu nangakusasa; uma kusele okuthile kuze kube lusuku lwesithathu, kuyakushiswa ngomlilo.


ukuze namukeleke, wonikela ngeduna elingenasici lezinkomo, elezimvu noma elezimbuzi.


Umuntu onikela ngomhlatshelo weminikelo yokuthula kuJehova ukugcwalisa isithembiso noma owomnikelo wesihle ezinkomeni noma ezimvini, umelwe ukuphelela ukuba wamukeleke, kungabi sici kuwo.


Inkunzi noma imvana enesitho esidluleleyo noma enesitho esincane, unganikela ngazo zibe ngumnikelo wesihle, kepha uma ungowesithembiso awunakwamukeleka.


“Nxa nihlabela uJehova umhlatshelo wokubonga, niyakumhlabela ukuba namukeleke.


“ ‘Kepha uma umhlatshelo womnikelo wakhe ungowesithembiso noma ungowesihle, uyakudliwa ngalolo suku anikela ngalo ngomhlatshelo wakhe; nangakusasa okuseleyo kuwo kuyakudliwa;


Uma inyama yomhlatshelo weminikelo yakhe yokuthula idliwa ngosuku lwesithathu, ayiyikwamukeleka, ingabalelwa kuye owanikela ngayo; iyakunengeka, nomuntu oyidlayo uyakuthwala ububi bakhe.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ