Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




ULevitikusi 17:10 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

10 “ ‘Yilowo nalowo muntu wendlu yakwa-Israyeli noma owabafokazi abagogobeleyo phakathi kwabo odla igazi noma yiliphi, ngiyakumisa ubuso bami bumelane nalowo muntu odla igazi, ngimnqume kubantu bakubo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

10 “ ‘Yilowo nalowo muntu wendlu yakwa-Israyeli noma umfokazi ogogobele phakathi kwabo odla igazi noma yiliphi, ngiyomelana nalowo muntu odla igazi, ngimnqume kwabakubo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

10 Futhi wonke umuntu wendlu ka-Israyeli noma kubafokazi abagogobeleyo phakathi kwenu, abadla noma yiliphi igazi; ngizamisa ubuso bami bumelane lomphefumulo odla igazi, ngiwuqume phakathi kwabantu bakibo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




ULevitikusi 17:10
25 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

“Kepha inyama okukuyo umphefumulo wayo, okungukuthi igazi layo, aniyikuyidla.


Wathi: “Makube kude nami, Jehova, ukuba ngenze lokhu; kuyigazi lalabo bantu ababesuka besengozini.” Akavumanga ukuwaphuza. Lezo zinto zenziwa yilawa maqhawe amathathu.


Ubuso bukaJehova bumelene nabenza okubi ukuba achithe ukukhunjulwa kwabo emhlabeni.


Yilowo nalowo owathaka anjengawo nalowo owathela kumfokazi uyakunqunywa kubantu bakubo.’ ”


Ngokuba ngibhekise ubuso bami kulo muzi kube kubi, kungabi kuhle, usho uJehova; uyakunikelwa esandleni senkosi yaseBabele, iwushise ngomlilo.’


“Ngalokho usho kanje uJehova Sebawoti, uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: Bheka, ngiyakubhekisa ubuso bami kini kube kubi, kunqunywe uJuda wonke.


ngibhekise ubuso bami bumelane nalowo muntu, ngimbeke abe yisibonakaliso nesaga, ngimnqume, asuke phakathi kwabantu bami, nazi ukuthi nginguJehova.


Ngiyakubhekisa ubuso bami bumelane nabo; baphumile emlilweni, kepha umlilo uyakubaqeda; niyakwazi ukuthi nginguJehova, lapho ngibhekisa ubuso bami bumelane nabo.


Ngalokho thana kubo: ‘Isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Nidla okunegazi, niphakamisa amehlo enu ezithombeni zenu, nichitha igazi. Pho, niyakudla ifa lezwe na?


lokhu ningenisile abezizwe abangasokile ngenhliziyo nabangasokile ngenyama ukuba babe sendlini yami engcwele, bayingcolise indlu yami, lapho ninikela ngesinkwa sami, nangamanoni, nangegazi, naphula isivumelwano sami ngazo zonke izinengiso zenu.


Ngokuba umphefumulo womzimba usegazini; ngimnike lona e-altare ukwenzela imiphefumulo yenu ukubuyisana, lokhu kuyigazi elenza ukubuyisana ngomphefumulo.


“ ‘Aniyikudla lutho olunegazi, ningenzi imilingo, ningahloli imihlola.


Ngiyakubeka ubuso bami bumelane nani, nibulawe phambi kwezitha zenu; abanizondayo bayakubusa phezu kwenu, nibaleke ningaxoshwa muntu.


“ ‘Kuyakuba yisimiso esiphakade ezizukulwaneni zenu ezindlini zenu zonke zokuba ningadli amanoni nagazi.’ ”


Noma beya ekuthunjweni phambi kwezitha zabo, ngiyakubiza inkemba ukuba iphume khona, ibabulale, ngibeke amehlo ami kubo kube kubi, kungabi kuhle.”


kodwa masibalobele ukuba bayeke amanyala ezithombe, nawobufebe, nawokuqumbeleneyo, nawegazi.


zokuthi niyeke okuhlatshelwe izithombe, negazi, nokuqumbeleneyo, nobufebe; uma nizilinda kulezo zinto, noba nenza kahle. Salani kahle.


Kuphela igazi aniyikulidla; uyakulithulula emhlabeni njengamanzi.


Qaphela kuphela ukuba ungalidli igazi, ngokuba igazi lingumphefumulo; awuyikuwudla umphefumulo kanye nenyama.


Kuphela igazi lalo awuyikulidla; lithululele emhlabathini njengamanzi.


pho, nithi ufanele ukushaywa kangakanani kunalokho lowo onyathele phansi iNdodana kaNkulunkulu, wadelela igazi lesivumelwano angcweliswa ngalo, wahlambalaza uMoya womusa, na?


Abantu batheleka empangweni, bathatha izimvu, nezinkabi, namankonyane, bakubulalela phansi; abantu bakudla kanye negazi.


Base bemtshela uSawule, bethi: “Bheka, abantu bayona kuJehova ngokudla okunegazi.” Wathi: “Nenze kabi; gingqelani kimi itshe elikhulu namuhla.”


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ