Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




ULevitikusi 16:34 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

34 Lokho kuyakuba yisimiso esiphakade kini ukwenzela abantwana bakwa-Israyeli ukubuyisana ngenxa yezono zabo zonke kanye ngomnyaka. Wenza-ke njengalokho uJehova emyalile uMose.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

34 Lokhu kuyakuba yisimiso esiphakade kini ukwenzela abantu bakwa-Israyeli ukubuyisana kanye ngonyaka ngenxa yezono zabo zonke. UMose wenza njengalokhu uSimakade ayemyalile.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

34 Kumelwe kube yisimiso esiphakade kini ukwenzela abantwana bakwa-Israyeli ukubuyisana kanye ngomnyaka ngenxa yazo zonke izono zabo. Wenza njengalokho uJehova emyalile uMose.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




ULevitikusi 16:34
14 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Etendeni lokuhlangana ngaphandle kwesihenqo esiphambi kobufakazi u-Aroni namadodana akhe bayakuziphatha kwasekuhlweni kuze kuse phambi kukaJehova; kuyakuba yisimiso sabantwana bakwa-Israyeli kuze kube phakade ezizukulwaneni zabo.


U-Aroni uyakwenzela izimpondo zalo ukubuyisana kanye ngomnyaka; ngegazi lomnikelo wesono wokubuyisana kanye ngomnyaka uyakulenzela ukubuyisana ezizukulwaneni zenu; lingcwelengcwele kuJehova.”


UMose wabona wonke umsebenzi; bheka, babewenzile; njengalokho uJehova eyalile, bawenza kanjalo; uMose wababusisa.


UJehova wathi kuMose: “Khuluma ku-Aroni umfowenu ukuba angangeni njalo endaweni engcwele ngaphakathi kwesihenqo ngaphambi kwesihlalo somusa esiphezu komphongolo, ukuze angafi, ngokuba ngiyakubonakala efwini phezu kwesihlalo somusa.”


Ningasebenzi msebenzi ngalolo suku, ngokuba kulusuku lokubuyisana ukunenzela ukubuyisana phambi kukaJehova uNkulunkulu wenu.


Ningasebenzi msebenzi; kuyisimiso esiphakade ezizukulwaneni zenu ezindlini zenu zonke.


UMose wakhuluma-ke kubantwana bakwa-Israyeli; bamkhiphela othukileyo ngaphandle kwekamu,* bamkhanda ngamatshe. Abantwana bakwa-Israyeli benza njengalokho uJehova emyalile uMose.


“ ‘Kuyakuba yisimiso esiphakade ezizukulwaneni zenu ezindlini zenu zonke zokuba ningadli amanoni nagazi.’ ”


“ ‘Ngolweshumi lwaleyo nyanga yesikhombisa niyakuba nomhlangano ongcwele, nithobise imiphefumulo yenu; ningasebenzi msebenzi,


Ngokuba ngomnikelo munye uphelelise njalonjalo labo abangcwelisiweyo.


Kodwa kuleyo mihlatshelo kukhona ukukhunjulwa kwezono iminyaka ngeminyaka;


kungesikho futhi ukuba azinikele kaningi, njengalokhu umpristi omkhulu engena endaweni engcwele iminyaka ngeminyaka, ephethe igazi elingesilo elakhe;


kodwa kwelesibili kungena umpristi omkhulu yedwa kanye ngomnyaka, kungengaphandle kwegazi anikela ngalo ngenxa yakhe uqobo nangenxa yezono zabantu,


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ