Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




ULevitikusi 16:16 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

16 enzele indawo engcwele ukubuyisana ngenxa yokungcola kwabantwana bakwa-Israyeli nangenxa yeziphambeko zabo ezonweni zabo zonke; akenzele njalo netende lokuhlangana elihlezi nabo phakathi kokungcola kwabo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

16 Uyakuyenzela kanjalo ukubuyisana indawo engcwele, ngenxa yokungcola kwabantu bakwa-Israyeli, nangenxa yeziphambeko zabo, nazo zonke izono zabo. Uyakulenzela kanjalo nethende lokuhlangana elihleli phakathi kokungcola kwabo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

16 Kumelwe enzele indlu engcwele isihlawulelo ngenxa yokungcola kwabantwana bakwa-Israyeli nangenxa yeziphambeko zabo kuzo zonke izono zabo; enze njalo etendeni lokuhlangana elihlezi phakathi kwabo phakathi kokungcola kwabo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




ULevitikusi 16:16
12 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

U-Aroni uyakwenzela izimpondo zalo ukubuyisana kanye ngomnyaka; ngegazi lomnikelo wesono wokubuyisana kanye ngomnyaka uyakulenzela ukubuyisana ezizukulwaneni zenu; lingcwelengcwele kuJehova.”


Akuyikubakho muntu etendeni lokuhlangana, nxa engena ukwenza ukubuyisana endaweni engcwele aze aphume, azenzele ukubuyisana, yena nendlu yakhe nebandla lonke lakwa-Israyeli.


Uyakuphuma, aye e-altare eliphambi kukaJehova, alenzele ukubuyisana, athabathe kulo igazi lenkunzi nakulo igazi lempongo, alibhece ezimpondweni ze-altare nxazonke.


“Kepha ngolweshumi lwaleyo nyanga yesikhombisa kulusuku lokubuyisana; anoba nomhlangano ongcwele, nithobise imiphefumulo yenu, ninikele ngomnikelo womlilo kuJehova.


Wayeseyihlaba; uMose wathatha igazi, walibheca ezimpondweni ze-altare nxazonke ngomunwe wakhe, waliphothula i-altare, walithulula igazi ngasesinqeni se-altare, walingcwelisa ukuba alenzele ukubuyisana.


UMose wenze njalo; njengalokho uJehova emyalile, wenze njalo-ke.


Nempongo ibe nye, ibe ngumnikelo wesono kuJehova; kuyakunikelwa ngayo kanye nomnikelo oshiswa imihla yonke nomnikelo wawo wokuphuzwa.


Nanxa ngiya nginilungisela indawo, ngobuye ngize, nginibuyisele kimi ukuba lapho ngikhona nibe khona nani.


Ngakho-ke kwamfanela ukuba abe njengabafowabo kukho konke, ukuze abe ngumpristi omkhulu ohawukelayo nothembekayo kokukaNkulunkulu, kube yinhlawulo yezono zabantu.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ