Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




ULevitikusi 16:12 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

12 Wothabatha umcengezi womlilo ogcwele amalahle omlilo ase-altare phambi kukaJehova, izandla zakhe zigcwele impepho ethaphukayo icolisisiwe, akulethe ngaphakathi kwesihenqo,

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

12 Uyothatha isitsha sempepho esigcwele amalahle omlilo ase-althare phambi kukaSimakade, nempepho egxotshiwe igcwele izandla zakhe zombili, angene nayo ngaphakathi kwesihenqo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

12 Kumelwe athathe umcengezi womlilo ogcwele amalahle avuthayo avela e-altare phambi kukaJehova, futhi izandla zakhe zigcwele impepho ecolisiweyo, akungenise ngaphakathi kwesihenqo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




ULevitikusi 16:12
13 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

namafutha okugcoba, nempepho yamakha athaphukayo yendawo engcwele, yebo, zenze njengakho konke engikuyale ngakho.”


Wawenza amafutha angcwele okugcoba, nempepho enhle yamakha athaphukayo, ngokobungcweti bomthaki.


ONadabi no-Abihu amadodana ka-Aroni bathatha bobabili imicengezi yabo yomlilo, bafaka umlilo kuyo, babeka impepho phezulu, banikela phambi kukaJehova ngomlilo ongafanele, angabayalanga ngawo.


Base bethatha, kwaba yilowo nalowo umcengezi wakhe womlilo, bafaka kuyo umlilo, babeka impepho ngaphezulu, bema ngasemnyango wetende lokuhlangana kanye noMose no-Aroni.


UMose wathi ku-Aroni: “Thatha umcengezi wakho womlilo, ubeke kuwo umlilo wase-altare, ufake impepho ngaphezulu, ukuyise masinyane kuyo inhlangano, uyenzele ukubuyisana, ngokuba kuphume intukuthelo kuJehova; isifo sesiqalile.”


Bafundisa uJakobe izahlulelo zakho, no-Israyeli umthetho wakho; babeka impepho phambi kwamakhala akho, nomnikelo oshiswa wonke e-altare lakho.


kakhulu kangakanani igazi likaKristu owazinikela kuNkulunkulu ngoMoya ophakade engenacala lizakuhlanza unembeza wethu emisebenzini efileyo, ukuze sikhonze uNkulunkulu ophilayo.


kodwa kwelesibili kungena umpristi omkhulu yedwa kanye ngomnyaka, kungengaphandle kwegazi anikela ngalo ngenxa yakhe uqobo nangenxa yezono zabantu,


kepha uma sihamba ekukhanyeni, njengalokhu yena uqobo esekukhanyeni, khona sinenhlanganyelo omunye nomunye, negazi likaJesu iNdodana yakhe liyasihlambulula ezonweni zonke.


Ingelosi yayisithabatha isitsha sempepho, yasigcwalisa ngomlilo wase-altare, yasiphonsa emhlabeni; kwase kuba khona ukuduma, namazwi, nemibani, nokuzamazama komhlaba.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ