Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




ULevitikusi 15:5 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

5 Yilowo nalowo othinta umbhede wakhe uyakuhlanza izingubo zakhe, ageze ngamanzi, abe ngongcolile kuze kuhlwe.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

5 Yilowo nalowo oyothinta umbhede wakhe uyakuhlanza izingubo zakhe, ageze ngamanzi, abe ngongcolileyo kuze kuhlwe.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

5 Noma ubani othinta umbhede wakhe kumelwe ahlanze izingubo zakhe futhi ageze ngamanzi abe ongcolile kuze kuhlwe.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




ULevitikusi 15:5
31 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Ngiyahlamba izandla zami ngingenacala, ngizungeza i-altare lakho, Jehova,


Ngigezisise ebubini bami, ungihlanze esonweni sami.


Ngihlanze ngehisopi,* ngihlambuluke; ngigeze, ngibe mhlophe kuneqhwa.


UJehova wayesethi kuMose: “Hamba uye kubantu, ubangcwelise namuhla nakusasa, bahlanze izingubo zabo,


Gezani, nihlanzeke, nisuse ububi bezenzo zenu phambi kwamehlo ami, niyeke ukwenza okubi.


Kepha uJehova Sebawoti wazibonakalisa ezindlebeni zami, wathi: “Impela lesi sono asiyikuhlangulwa kini nize nife,” isho iNkosi uJehova Sebawoti.


Ngiyakunifafaza ngamanzi ahlambulukileyo, nihlambuluke, nginihlambulule kukho konke ukungcola kwenu nakuzo zonke izithombe zenu.


Ngiyakunisindisa kukho konke ukungcola kwenu, ngibize amabele, ngiwandise, ngingabeki indlala phezu kwenu.


“ ‘Niyakungcoliswa yilezi: bonke abathinta izidumbu zazo bayakuba ngabangcolile kuze kuhlwe.


Bonke abathwala utho lwezidumbu zazo bayakuhlanza izingubo zabo, babe ngabangcolile kuze kuhlwe.


Othwala izidumbu zazo makahlanze izingubo zakhe, abe ngongcolile kuze kuhlwe; zingcolile kini.


Konke esiwela phezu kwakho esinye sazo sezifile kuyakuba ngokungcolile, noma kuyinto yomuthi noma yingubo noma yisikhumba noma yisaka noma yintoni okusetshenzwa ngayo; makufakwe emanzini, kube ngokungcolile kuze kuhlwe; khona kuyakuhlanzeka.


ngosuku lwesikhombisa umpristi abheke umuna; uma umuna ungandile esikhumbeni, futhi ubonakala ungashonile kunesikhumba, bheka, umpristi makasho athi uhlambulukile; makahlanze izingubo zakhe, ahlambuluke.


umpristi abuye ambheke ngosuku lwesikhombisa; uma ibala lifiphele, isifo singandanga esikhumbeni, bheka, khona umpristi uyakusho athi uhlambulukile; kulutwayi; uyakuhlanza izingubo zakhe, ahlambuluke.


umpristi afafaze ngamafutha asesandleni sakhe sokhohlo kasikhombisa phambi kukaJehova ngomunwe wakhe wokunene;


Nowesifazane elale naye indoda, imlalile yamthela ngamalotha, bayakugeza bobabili ngamanzi, babe ngabangcolile kuze kuhlwe.


“ ‘Yonke imibhede alala kuyo ocucuzayo iyakuba ngengcolile; nezinto zonke ahlala kuzo ziyakuba ngezingcolile.


Ohlala entweni ahlale kuyo ocucuzayo uyakuhlanza izingubo zakhe, ageze ngamanzi, abe ngongcolile kuze kuhlwe.


Ovuma ukuba impongo iye ku-Azazeli uyakuhlanza izingubo zakhe, ageze umzimba wakhe ngamanzi, andukuba angene ekamu.*


Ozishisayo wohlanza izingubo zakhe, ageze umzimba wakhe ngamanzi, andukuba angene ekamu.*


“ ‘Yilowo nalowo odla ingcuba noma lokho okudweshulwe yizilo, noma engowokuzalwa ekhaya noma engumfokazi, makahlanze izingubo zakhe, ageze ngamanzi, abe ngongcolile kuze kuhlwe; khona uyakuhlambuluka.


Obutha umlotha wesithole uyakuhlanza izingubo zakhe, abe ngongcolile kuze kuhlwe; kuyakuba yisimiso esiphakade kubantwana bakwa-Israyeli nakumfokazi ogogobeleyo phakathi kwabo.


Lokhu umuntu ongcolileyo akuthintayo kuyakuba ngokungcolile; umuntu okuthintayo uyakuba ngongcolile kuze kuhlwe.’ ”


masisondele ngenhliziyo eqinisileyo ngokwethemba okupheleleyo kokukholwa, zifafaziwe izinhliziyo zethu kungasekho valo lokubi, umzimba wethu ugeziwe ngamanzi acwebileyo;


kakhulu kangakanani igazi likaKristu owazinikela kuNkulunkulu ngoMoya ophakade engenacala lizakuhlanza unembeza wethu emisebenzini efileyo, ukuze sikhonze uNkulunkulu ophilayo.


uma kwakunjalo wayemelwe ukuhlupheka kaningi selokhu kwasekelwa izwe; kodwa kalokhu ubonakalisiwe kanye ekupheleni kwezikhathi ukuba asuse izono ngokuzinikela kwakhe.


sondelani kuNkulunkulu, khona uyakusondela kinina. Hlanzani izandla nina zoni, nihlambulule izinhliziyo nina bonhliziyombili.


Ngase ngithi kulo: “Nkosi yami, nguwe owaziyo.” Lase lithi kimi: “Laba yibo abaphuma osizini olukhulu, bahlanza izingubo zabo, bazenza zaba mhlophe egazini leWundlu.


Kodwa uSawule akakhulumanga lutho ngalolo suku, ngokuba wacabanga ukuthi: “Okuthile kumehlele; akahlambulukile, impela akahlambulukile.”


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ