Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




ULevitikusi 14:7 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

7 amfafaze kasikhombisa oyakuhlanjululwa ochokweni lwakhe, asho athi uhlambulukile, ayiyeke inyoni ezwayo, iphumele endle.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

7 Uyakulifafaza kasikhombisa kulowo ohlanjululwayo ochokweni, amemezele ukuthi uhlambulukile, bese eyayiyeka inyoni ephilayo, indizele endle.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

7 Kumelwe afafaze phezu kwakhe lokho okufanele ahlanzwe ochokweni kasikhombisa, athi uhlanzekile, ayikhulule inyoni ephilayo iye endle.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




ULevitikusi 14:7
29 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

U-Elisha wathuma isithunywa kuye ngokuthi: “Hamba ugeze kasikhombisa eJordani; kuyakuthi inyama ibuyele kuwe, uhlambuluke.”


Wayesehla, wazicwilisa kasikhombisa eJordani njengezwi lomuntu kaNkulunkulu; inyama yakhe yabuya yaba njengenyama yomntwana omncane, wahlambuluka.


Ngigezisise ebubini bami, ungihlanze esonweni sami.


Ngihlanze ngehisopi,* ngihlambuluke; ngigeze, ngibe mhlophe kuneqhwa.


kanjalo iyakwethusa izizwe eziningi; amakhosi ayakuvala imilomo yawo ngenxa yayo, ngokuba lokho angatshelwanga khona ayakukubona, nalokho angakuzwanga ayakukuqonda.


Ngiyakunifafaza ngamanzi ahlambulukileyo, nihlambuluke, nginihlambulule kukho konke ukungcola kwenu nakuzo zonke izithombe zenu.


“Amasonto angamashumi ayisikhombisa anqunyelwe abantu bakho nomuzi wakho ongcwele ukuqeda iziphambeko, nokukhawula izono, nokwenza ukubuyisana ngobubi, nokungenisa ukulunga okuphakade, nokunamathelisa umbono nesiprofetho, nokugcoba indlu engcwelengcwele.


umpristi wobheka; uma uchoko lusibekele yonke inyama yakhe, bheka, uyakusho athi onesifo uhlambulukile; konke kuphendukile kwaba mhlophe: uhlambulukile.


umpristi ambheke; uma ibala liphendukile laba mhlophe, bheka, khona umpristi uyakusho athi onesifo uhlambulukile; uhlambulukile.


athabathe umsedari nehisopi nendwangu ebomvu nenyoni ezwayo, akugcobhoze egazini lenyoni ehlatshiweyo nasemanzini agobhozayo, afafaze indlu kasikhombisa,


athabathe kulo igazi lenkunzi, afafaze ngalo isihlalo somusa ngasempumalanga ngomunwe wakhe, nangaphambi kwesihlalo somusa afafaze ngegazi kasikhombisa ngomunwe wakhe.


Uyakulifafaza ngegazi kasikhombisa ngomunwe wakhe, alihlambulule, alingcwelise ekungcoleni kwabantwana bakwa-Israyeli.


impongo ithwale ububi babo bonke, iye nabo kwahlongasibi, bayiyeke impongo ehlane.


Umpristi uyakugcobhoza umunwe wakhe egazini, afafaze ngalo kasikhombisa phambi kukaJehova phambi kwesihenqo.


umpristi agcobhoze umunwe wakhe egazini, afafaze ngegazi kasikhombisa phambi kukaJehova, ngaphambi kwesihenqo sendlu engcwele.


Wafafaza ngawo i-altare kasikhombisa, waligcoba i-altare kanye nezitsha zonke zalo, nomcengezi nesinqe sawo, ukuba kungcweliswe.


Uyakubuye asibekezelele, anyathele phansi ububi bethu; yebo, uyakuphonsa zonke izono zabo ekujuleni kolwandle.


Uyakuziphothula ngawo ngosuku lwesithathu, nangosuku lwesikhombisa uyakuhlambuluka; kepha uma engaziphothuli ngosuku lwesithathu, akayikuhlambuluka ngosuku lwesikhombisa.


kodwa elinye lamabutho lamgwaza ohlangothini ngomkhonto, kwaphuma masinyane igazi namanzi.


masisondele ngenhliziyo eqinisileyo ngokwethemba okupheleleyo kokukholwa, zifafaziwe izinhliziyo zethu kungasekho valo lokubi, umzimba wethu ugeziwe ngamanzi acwebileyo;


nakuJesu, umlamuleli wesivumelwano esisha, nasegazini lokufafaza elikhuluma okukhulu kunelika-Abela.


Ngokuba uma igazi lezimbuzi nelezinkunzi nomlotha wesithole kufafaza abangcolileyo, kuhlambulula kube ngukuhlanzeka kwenyama,


Ngokuba isikhulunyiwe imiyalelo yonke ngokomthetho nguMose kubantu bonke, wayesethatha igazi lamathole nelezimbuzi kanye namanzi noboya obubomvu nehisopi*, wafafaza incwadi nabantu bonke,


Netabernakele* futhi, nezitsha zonke zenkonzo wakufafaza kanjalo ngegazi.


uma kwakunjalo wayemelwe ukuhlupheka kaningi selokhu kwasekelwa izwe; kodwa kalokhu ubonakalisiwe kanye ekupheleni kwezikhathi ukuba asuse izono ngokuzinikela kwakhe.


bekhethiwe ngokwaziphambili kukaNkulunkulu uYise ngokungcwelisa kukaMoya kukho ukulalela nokufafazwa ngegazi likaJesu Kristu: Makwandiswe kinina umusa nokuthula.


Nguye lo oweza ngamanzi nangegazi, uJesu Kristu, kungengamanzi odwa kodwa ngamanzi nangegazi; noMoya ungofakazayo, ngokuba uMoya uyiqiniso.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ