Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




ULevitikusi 13:20 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

20 umpristi abheke; uma libonakala lishonile kunesikhumba, uboya balo buphendukile baba mhlophe, bheka, makasho athi ungcolile: kuyisifo sochoko, siqhamukile ethumbeni.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

20 umphristi uyakulihlola, uma libonakala lishonile kunesikhumba, futhi noboya sebuphenduke baba mhlophe, umphristi uyakumemezela ukuthi ungcolile: yisifo esithathelanwayo, sivele ethumbeni.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

20 Lapho umpristi elibona, bheka, lishonile kunesikhumba ngokubonakala, noboya balo bube mhlophe; umpristi kumelwe athi ungcolile; kuyisifo sochoko esiphuma ethumbeni.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




ULevitikusi 13:20
7 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

kube yidunguza elimhlophe endaweni yethumba noma ibala elikhanyayo, limhlophe libomvana, khona kuyakuboniswa umpristi,


“Nxa kumila esikhumbeni senyama yomuntu idunguza noma utwayi noma ibala elikhanyayo, kuvele esikhumbeni senyama yakhe isifo sochoko, makalethwe ku-Aroni umpristi, noma kwenye yamadodana akhe, abapristi,


Kepha uma umpristi elibheka, kungekho boya obumhlophe kulo, lingashonile kunesikhumba, kodwa lifiphele, bheka, khona umpristi uyakumvalela izinsuku eziyisikhombisa;


umpristi abheke isifo esisesikhumbeni senyama; uma uboya obusebaleni buphendukile baba mhlophe, nanxa ibala libonakala lishonile kunesikhumba senyama yakhe, kuyisifo sochoko; umpristi uyakumbheka, asho athi ungcolile.


Abesehamba-ke, abuye nabanye omoya abayisikhombisa ababi kunaye, bangene bahlale khona; kuthi ukugcina kwalowo muntu kuba kubi kunokuqala. Kuyakuba njalo nakulesi sizukulwane esibi.”


Emva kwalokho uJesu wamfumana ethempelini, wathi kuye: “Bheka, uphilisiwe; ungabe usona, funa wehlelwe ngokubi kunalokho.”


Ngokuba uma bebuye bahilelwe, bahlulwe yikho, sebebalekele ukungcola kwezwe ngokuyazi iNkosi noMsindisi uJesu Kristu, khona ukugcina kwabo kubi kunokuqala.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ