Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




ULevitikusi 13:2 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

2 “Nxa kumila esikhumbeni senyama yomuntu idunguza noma utwayi noma ibala elikhanyayo, kuvele esikhumbeni senyama yakhe isifo sochoko, makalethwe ku-Aroni umpristi, noma kwenye yamadodana akhe, abapristi,

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

2 “Uma umuntu emilwa iguludla esikhumbeni noma siba notwayi, noma yibala elikhanyayo bese liphenduka libe wuchoko, lowo muntu uyakulethwa ku-Aroni, umphristi, noma kwenye yamadodana akhe, angabaphristi.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

2 “Nxa umuntu enesikhumbeni, noma utwayi, noma ibala elikhanyayo, kusesikhumbeni senyama yakhe njengesifo sochoko; khona-ke kumelwe ilethwe ku-Aroni umpristi noma kwenye yamadodana akhe, abapristi.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




ULevitikusi 13:2
23 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

maliwele ekhanda likaJowabe nakuyo yonke indlu kayise. Makungaphuthi endlini kaJowabe ukuba kube khona ocucuzayo, nonochoko, nozimelelayo ngodondolo, nowayo ngenkemba, noswele isinkwa.”


UNahamani induna yempi yenkosi yase-Aramu wayengumuntu omkhulu phambi kwenkosi yakhe, otusekayo, ngokuba uJehova wayenikile i-Aramu ukunqoba ngaye; futhi wayeyiqhawe elinamandla, kepha wayenochoko.


Uchoko lukaNahamani luyakunamathela kuwe nasenzalweni yakho kuze kube phakade.” Wayesephuma yena ebusweni bakhe enochoko, emhlophe njengeqhwa.


Kusukela ematheni onyawo kuze kube sekhanda akukho okuphelele, ngamanxeba nje, nemivimbo, nemidwa emisha; akukhanywanga ubovu, akuboshwanga, akuthanjiswanga ngamafutha.


ngalokho iNkosi iyakuzenza izimpandla izinkakhayi zamadodakazi aseSiyoni, uJehova awanqunise.”


umpristi abheke isifo esisesikhumbeni senyama; uma uboya obusebaleni buphendukile baba mhlophe, nanxa ibala libonakala lishonile kunesikhumba senyama yakhe, kuyisifo sochoko; umpristi uyakumbheka, asho athi ungcolile.


umpristi abheke; uma utwayi lwandile esikhumbeni, bheka, khona umpristi uyakusho athi ungcolile; kuluchoko.


umpristi aphume ekamu,* umpristi abheke; uma isifo sochoko sipholile konochoko,


umninindlu makeze amtshele umpristi, athi: ‘Kungathi kubonakele isifo endlini.’


“Ngokuba izindebe zompristi ziyakugcina ukwazi, kufunwe umthetho emlonyeni wakhe, ngokuba uyisithunywa sikaJehova Sebawoti.


Ifu lasuka phezu kwetende; bheka, uMiriyamu wayesenochoko, enjengeqhwa; u-Aroni wambheka uMiriyamu; bheka, wayenochoko.


Ake angabi njengofileyo, onyama yakhe idliwe inxenye, nxa ephuma esizalweni sikanina.”


UJesu wayesethi kuye: “Bheka, ungatsheli muntu, kepha hamba uzibonakalise kumpristi, uyise umnikelo owayalelwa nguMose, kube ngubufakazi kubo.”


wathi kuye: “Bheka, ungasho lutho kumuntu, kepha hamba uzibonakalise kumpristi, unikele ngokuhlanjululwa kwakho lokho okwayalelwa nguMose, kube ngubufakazi kubo.”


Kuthe ewabona, wathi kuwo: “Hambani, niyoziveza kubapristi.” Kwathi esahamba, ahlanjululwa.


Wamyala ukuba angatsheli muntu, wathi: “Kepha suka, uzibonakalise kumpristi, unikele ngokuhlanjululwa kwakho, njengalokho uMose akuyalayo, kube ngubufakazi kubo.”


“Xwaya esifweni sochoko ukuba uqaphelisise, wenze njengakho konke abapristi bamaLevi abayakukufundisa khona; njengokubayala kwami anoqaphela ukwenze njalo.


UJehova uyakukushaya ngamathumba aseGibithe, nangamaqhubu, nangomuna, nangokhwekhwe ongenakuphulukiswa kukho.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ