Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




ULevitikusi 12:6 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

6 “ ‘Nanxa seziphelile izinsuku zokuhlambuluka kwakhe ngomfana noma ngentombazana, makalethe imvu enomnyaka munye, ibe ngumnikelo wokushiswa, nephuphu lejuba noma ihobhe, libe ngumnikelo wesono, akulethe ngasemnyango wetende lokuhlangana kumpristi,

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

6 “ ‘Lapho seziphelile izinsuku zokuhlanjululwa kwakhe emveni kokubeletha umfana noma intombazane, uyoletha iwundlu leduna elinonyaka, libe ngumnikelo wokushiswa, nephuphu lejuba noma ihobhe, libe ngumnikelo wesono. Lokhu uyokuletha kumphristi ngasemnyango wethende lokuhlangana.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

6 Lapho seziphelele izinsuku zokuhlanjululwa kwakhe, endodana noma endodakazini, kumelwe alethe iwundlu elinonyaka owodwa libe ngumnikelo wokushiswa nephuphu lejuba noma ihobhe njengomnikelo wesono emnyango. Kusukela etendeni lokuhlangana, kuya kumpristi.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




ULevitikusi 12:6
15 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Wathi kuye: “Ngithabathele isithokazi esineminyaka emithathu, nembuzi eyinsikazi eneminyaka emithathu, nenqama eneminyaka emithathu, nehobhe, nephuphu lejuba.”


“Yisho kubantwana bakwa-Israyeli, uthi: ‘Uma owesifazane ekhulelwa, azale umfana, uyakuba ngongcolile izinsuku eziyisikhombisa; njengasemihleni yokungcola ngefindo lakhe wohlala engcolile.


Kepha uma ezala intombazana, makabe ngongcolile amasonto amabili njengasekungcoleni ngefindo lakhe, ahlale esegazini lokuhlambuluka izinsuku ezingamashumi ayisithupha nesithupha.


yena anikele ngakho phambi kukaJehova, amenzele ukubuyisana, aze ahlambuluke emthonjeni wegazi lakhe. Yilowo umthetho wozalayo umfana noma intombazana.


namahobhe amabili noma amaphuphu amabili amajuba, njengalokho angaphumelela kukho, elinye libe ngumnikelo wesono, elinye libe ngumnikelo wokushiswa.


Ngosuku lwesishiyagalombili wozithabathela amahobhe amabili noma amaphuphu amabili amajuba, eze phambi kukaJehova ngasemnyango wetende lokuhlangana, awanike umpristi:


Ngosuku lwesishiyagalombili wozithabathela amahobhe amabili noma amaphuphu amabili amajuba, awalethe kumpristi ngasemnyango wetende lokuhlangana.


Ngosuku lwesishiyagalombili uyakuletha amahobhe amabili noma amaphuphu amabili amajuba kumpristi ngasemnyango wetende lokuhlangana;


Kwathi ukuba kuphelele izinsuku zokuhlanjululwa kwabo ngokomthetho kaMose, benyukela naye eJerusalema ukuba bammise phambi kweNkosi


Ngangomuso wabona uJesu eza kuye, wathi: “Bheka, iWundlu likaNkulunkulu elisusa izono zezwe.


Ongasazanga isono wamenza isono ngenxa yethu, ukuze kuyena senziwe sibe ngukulunga kukaNkulunkulu.


Ngokuba umpristi omkhulu onjalo usifanele thina, ongcwele, ongenacala, ongenabala, owahlukanisiwe nezoni, owenziwa aphakame phezu kwamazulu,


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ