Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




ULevitikusi 11:44 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

44 Ngokuba nginguJehova uNkulunkulu wenu; ngalokho zingcweliseni, nibe ngcwele, ngokuba mina ngingcwele; ningazingcolisi ngezilwanyana ezinwabuzelayo emhlabeni.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

44 NginguSimakade uNkulunkulu wenu; ngakho-ke zingcweliseni, nibe ngcwele, ngokuba Mina ngingcwele; ningazingcolisi ngezilwane ezinwabuzelayo emhlabeni.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

44 Ngokuba ngiyiNkosi uNkulunkulu wenu; ngakho-ke kufanele nibe ngcwele futhi nibe ngcwele ngokwenu; ngoba mina ngingcwele; aniyikuzingcolisa ngezilwanyana ezinwabuzelayo emhlabeni.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




ULevitikusi 11:44
34 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Mphakamiseni uJehova uNkulunkulu wethu, nikhuleke ngasesanabelweni sezinyawo zakhe; ungcwele yena.


Mphakamiseni uJehova uNkulunkulu wethu, nikhuleke ngasentabeni yakhe engcwele, ngokuba ungcwele uJehova uNkulunkulu wethu.


“Ngizwile izinkonono zabantwana bakwa-Israyeli; khuluma kubo, uthi: ‘Ngakusihlwa niyakudla inyama, kusasa nisuthe isinkwa, nize nazi ukuthi nginguJehova uNkulunkulu wenu.’ ”


UJehova wayesethi kuMose: “Hamba uye kubantu, ubangcwelise namuhla nakusasa, bahlanze izingubo zabo,


nibe ngumbuso wabapristi kimi, nesizwe esingcwele. Yilawo mazwi ozakuwakhuluma kubantwana bakwa-Israyeli.’ ”


“NginguJehova uNkulunkulu wakho owakukhipha ezweni laseGibithe, indlu yobugqila.


Uyakwenze njalo nangezinkomo zakho nangezimvu zakho: liyakuhlala kunina izinsuku eziyisikhombisa; ngosuku lwesishiyagalombili wonginika lona.


“Niyakuba ngabantu abangcwele kimi; ngalokho aniyikudla nyama yesilwane esidweshulwe endle, kepha anoyiphonsa ezinjeni.


Niyakumkhonza uJehova uNkulunkulu wenu, abusise ukudla kwenu namanzi enu; ngiyakususa izifo phakathi kwenu.


Ngiyakunithatha nibe yisizwe sami, mina ngibe nguNkulunkulu wenu; niyokwazi ukuthi nginguJehova uNkulunkulu wenu onikhipha emithwalweni yabaseGibithe.


Ngokuba nginguJehova uNkulunkulu wakho, oNgcwele ka-Israyeli, uMsindisi wakho; ngiyanika iGibithe libe yihlawulo lakho, iKushe neSheba esikhundleni sakho.


NginguJehova uNkulunkulu wakho ovusa ulwandle, ukuze amaza alo ahlokome; nguJehova Sebawoti igama lakhe.


UMose wayesethi ku-Aroni: “Yikho uJehova akukhuluma, ethi: “ ‘Kubo abaseduze nami ngiyakungcweliswa, phambi kwabantu bonke ngiyakukhazimuliswa.’ ” U-Aroni wathula.


Ningazenzi ninengeke ngezilwanyana ezinwabuzelayo, ningazingcolisi ngazo, funa ningcole ngazo.


“Yisho kubantwana bakwa-Israyeli, uthi kubo: ‘NginguJehova uNkulunkulu wenu.


Awuyikukhothoza isivini sakho, ungabuthi izithelo zesivini ezivuthulukileyo; wozishiyela abampofu nabafokazi; nginguJehova uNkulunkulu wenu.


“Yisho kuyo yonke inhlangano yabantwana bakwa-Israyeli, uthi kuyo: ‘Niyakuba ngcwele, ngokuba mina Jehova uNkulunkulu wenu ngingcwele.


“ ‘Yilowo nalowo makahloniphe unina noyise, nigcine amasabatha ami; nginguJehova uNkulunkulu wenu.


“ ‘Ningaphendukeli kuzo izithombe, ningazenzeli onkulunkulu ababunjiweyo; nginguJehova uNkulunkulu wenu.


Niyakuba ngcwele kimi, ngokuba mina Jehova ngingcwele; nginahlukanisile nabezizwe ukuba nibe ngabami.


“ ‘Ngalokho zingcweliseni nibe ngcwele, ngokuba nginguJehova uNkulunkulu wenu.


Ngalokho uyakumngcwelisa, ngokuba unikela ngesinkwa sikaNkulunkulu wakho; uyakuba ngcwele kuwe, ngokuba mina Jehova oningcwelisayo ngingcwele.


Kuhamba ababili kanyekanye, uma bengavumelananga, na?


ukuba nikhumbule, niyenze yonke imiyalo yami, nibe ngcwele kuNkulunkulu wenu.


Ngakho-ke manibe ngabapheleleyo, njengokuba uYihlo wasezulwini ephelele.


Ngokuba ningabantu abangcwele kuJehova uNkulunkulu wenu; uJehova unikhethile nibe yisizwe senzuzo yakhe ngaphezu kwezizwe zonke ezisebusweni bomhlaba.


Ngokuba uNkulunkulu kasibizelanga amanyala, kepha wasibizela ebungcweleni.


UJoshuwa wathi kubantu: “Aninakumkhonza uJehova, ngokuba unguNkulunkulu ongcwele; unguNkulunkulu onomhawu, akayikuthethelela iziphambeko zenu nezono zenu.


kepha nina niluhlanga olukhethiweyo, ubupristi obobukhosi, isizwe esingcwele, abantu abazuziweyo, ukuze nishumayele ubukhosi balowo owanibiza niphume ebumnyameni, ningene ekukhanyeni kwakhe okumangalisayo;


Ongalungile makenze njalo okungalungile, nongcolileyo makazingcolise njalo, kepha olungileyo makenze njalo ukulunga, nongcwele makazingcwelise njalo.”


“Akakho ongcwele njengoJehova, ngokuba akakho noyedwa ngaphandle kwakho; futhi alikho idwala elinjengoNkulunkulu wethu.


Abantu baseBeti Shemeshi base bethi: “Ngubani ongema phambi kukaJehova, lo Nkulunkulu ongcwele, na? Uyakwenyukela kubani esuka kithina na?”


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ