Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




ULevitikusi 10:2 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

2 Kwaphuma umlilo ngaphambi kukaJehova, wabaqeda, bafa phambi kukaJehova.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

2 Kwaphuma umlilo phambi kukaSimakade, wabashisa, bafa phambi kukaSimakade.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

2 Kwasekuphuma umlilo ovela eNkosini, wabaqeda, bafa phambi kweNkosi.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




ULevitikusi 10:2
25 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Intukuthelo kaJehova yamvuthela u-Uza, uNkulunkulu wamshaya lapho ngenxa yesiphosiso sakhe; wafela khona ngasemphongolweni kaNkulunkulu.


Wahamba, wafumana isidumbu sakhe sintshingwe endleleni, imbongolo nengonyama zimi eceleni kwesidumbu; ingonyama ayidlanga isidumbu, ayidwengulanga nembongolo.


Wawusuwehla umlilo kaJehova, wawuqeda umnikelo wokushiswa, nezinkuni, namatshe, nothuli, wakhotha amanzi asemseleni.


U-Eliya waphendula, wathi enduneni yamashumi ayisihlanu: “Uma ngingumuntu kaNkulunkulu, makwehle umlilo ezulwini, ukuqede wena namashumi ayisihlanu akho.” Wehla-ke umlilo ezulwini, wayiqeda yona namashumi ayisihlanu ayo.


Wayesephendula u-Eliya, wathi kubo: “Uma ngingumuntu kaNkulunkulu, makwehle umlilo ezulwini, ukuqede wena namashumi ayisihlanu akho.” Wehla-ke umlilo kaNkulunkulu ezulwini, wayiqeda yona namashumi ayisihlanu ayo.


Intukuthelo kaJehova yamvuthela u-Uza, wamshaya, ngokuba welulela isandla emphongolweni; wafela khona lapho phambi kukaNkulunkulu.


Ngokuba ngenxa yokungawuthwali kwenu kuqala uJehova uNkulunkulu wethu wafohla kithina, ngokuba singamfunanga njengomthetho.”


Kepha oNadabi no-Abihu bandulela uyise ukufa, bengenabantwana; ngalokho o-Eleyazare no-Itamari kuphela babe ngabapristi.


Esakhuluma lowo, kwafika nomunye, wathi: “Umlilo kaNkulunkulu uwile ezulwini, washisa izimvu nezinceku, waziqeda; mina ngedwa kuphela ngisindile, ukuze ngikubikele.”


UNkulunkulu wethu uyeza, akayikuthula; umlilo udla phambi kwakhe; uphahlwe yisivunguvungu esikhulu.


Wathi kuMose: “Khuphukela kuJehova, wena no-Aroni, noNadabi, no-Abihu, namalunga angamashumi ayisikhombisa akwa-Israyeli, nikhuleke nikude.


Indawo yokushisela kade yahlelwa, yebo, yalungiselwa nenkosi; uyenze yajula, yaba banzi; igoqo layo lingumlilo nezinkuni eziningi, nokuphefumula kukaJehova kunjengomfula wesibabule; kuyayokhela.


Base besondela, babasusa bembethe amabhantshi abo, babakhiphela ngaphandle kwekamu,* njengalokho eshilo uMose.


UJehova wakhuluma kuMose emva kokufa kwamadodana ka-Aroni ekusondeleni kwawo phambi kukaJehova, afa.


Kwaphuma umlilo ngaphambi kukaJehova, waqeda umnikelo wokushiswa namanoni e-altare; sebekubona abantu bonke bananela, bakhothamela phansi ngobuso.


wona lawo madoda aletha umbiko omubi ngezwe afa ngesifo phambi kukaJehova.


Umlilo waphuma kuJehova, waqeda abantu abangamakhulu amabili namashumi ayisihlanu, ababenikele ngempepho.


Abafile ngesifo babe yizinkulungwane eziyishumi nane namakhulu ayisikhombisa ngaphandle kwalabo abafa ngendaba kaKora.


ONadabi no-Abihu bafa, lapho benikela ngomlilo ongafanele phambi kukaJehova.


Wayesewa phansi masinyane ngasezinyaweni zakhe, wafa; izinsizwa zangena, zamfumana efile, zamkhiphela phandle, zammbela ngasendodeni yakhe.


Kuthe u-Ananiya ezwa lawo mazwi, wawa phansi, wafa, ukwesaba okukhulu kwehlela bonke abezwa lokho.


Kepha lezo zinto zabehlela bona kube yisibonelo; kulotshelwe ukusiyala thina, osekufikile kithi ukugcina kwezikhathi.


Wabulala abantu baseBeti Shemeshi, ngokuba babebukile umphongolo kaJehova; wabulala kubantu amadoda angamashumi ayisikhombisa emadodeni ayizinkulungwane ezingamashumi ayisihlanu; abantu balila, ngokuba uJehova wabulala abantu ngokubulala okukhulu.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ