Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




ULevitikusi 10:19 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

19 U-Aroni wathi kuMose: “Bheka-ke, namuhla banikele ngomnikelo wabo wesono nangomnikelo wabo wokushiswa phambi kukaJehova; nokho ngehlelwe yilokhu mina; uma bengidlile umnikelo wesono namuhla, bekuzakwamukeleka emehlweni kaJehova na?”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

19 U-Aroni wathi kuMose: “Uyabona, namuhla banikele ngomnikelo wabo wesono nangowokushiswa phambi kukaSimakade, nokho mina ngehlelwe yilokhu. Uma bengiwudlile umnikelo wesono namuhla, bekuzakwamukeleka yini emehlweni kaSimakade na?”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

19 U-Aroni wayesethi kuMose: “Bheka, namuhla baletha umnikelo wabo wesono nomnikelo wabo wokushiswa phambi kukaJehova; futhi izinto ezinjalo zangehlela; uma bengidlile umnikelo wesono namuhla, ngabe kwamukeleka emehlweni kaJehova na?

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




ULevitikusi 10:19
17 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

“Iyini kimi imihlatshelo yenu eminingi na?” usho uJehova; “ngisuthile ngeminikelo yokushiswa yezinqama nangeyamanoni amathole akhuluphalisiweyo; negazi lezinkunzi nelamawundlu nelezimpongo angithokozi ngalo.


Lapho nelula izandla zenu, ngiyakufihla kini amehlo ami; yebo, lapho nenza imikhuleko eminingi, angiyikuzwa; izandla zenu zigcwele igazi.


Noma bezila ukudla, angiyikuzwa ukumemeza kwabo; noma benikela ngomnikelo wokushiswa nangowempuphu, angiyikuthokoza ngabo, kepha ngiyakubaqeda ngenkemba, nangendlala, nangesifo.”


Ifikelani kimi inhlaka evela eSheba, nomhlanga othaphukayo ovela ezweni elikude, na? Iminikelo yenu yokushiswa ayamukeleki, nemihlatshelo yenu ayimnandi kimi.”


Abayikuthululela uJehova iwayini; imihlatshelo yabo ayiyikuba mihle kuye, isinkwa sabo sibe njengesinkwa sabalilayo; bonke abasidlayo bayakungcola, ngokuba isinkwa sabo siyakuba ngesephango, singangeni endlini kaJehova.


Esezwile lokho uMose, kwaba kuhle emehlweni akhe.


Wawuhlaba umnikelo wokushiswa; amadodana ka-Aroni aletha kuye igazi, wafafaza ngalo i-altare nxazonke.


U-Aroni wayesesondela e-altare, walihlaba ithole lomnikelo wesono ongowakhe.


“Sengathi kungaba khona phakathi kwenu ongavala izicabha, ukuze ningabaseli ize e-altare lami! Angithokozi ngani,” usho uJehova Sebawoti, “angiyikwamukela iminikelo ezandleni zenu.


Nisho futhi ukuthi: ‘Bheka ukuhlupheka!’ bese nilincimfela,” usho uJehova Sebawoti, “niletha okuthathwe ngobudlova, nokuqhugayo, nokugulayo, niletha kanjalo umnikelo; bengiyakwamukela lokhu esandleni senu na?” usho uJehova.


“Ngokwesibili niyakwenza nalokhu: nisibekela i-altare likaJehova ngezinyembezi, nangokukhala, nangokububula, angabe esayinakekela iminikelo, ingabe isamukeleka esandleni senu.


nidle khona phambi kukaJehova uNkulunkulu wenu, nename kukho konke enibeka kukho isandla senu, nina nabendlu yenu, uJehova uNkulunkulu wakho akubusise ngakho.


Angikudlanga ekulileni kwami, angisusanga lutho ngingcolile, anginikelanga ngakho kofileyo; ngilalele izwi likaJehova uNkulunkulu wami, ngenzile njengakho konke ongiyale ngakho.


Thokozani eNkosini njalonjalo; ngiyaphinda ngithi: Thokozani!


ongadingi imihla ngemihla njengalabo bapristi abakhulu ukunikela ngemihlatshelo ngenxa yezakhe izono kuqala nangasemuva ngenxa yezabantu; ngokuba wenza lokho kanye mhla ezinikela yena.


uMoya oNgcwele etshengisa lokhu ukuthi ayikabonakaliswa indlela eya endaweni engcwele, lisemi itabernakele* lokuqala,


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ