Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




ULevitikusi 10:13 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

13 niwudle endaweni engcwele, ngokuba kuyimfanelo yakho nemfanelo yamadodana akho eminikelweni yomlilo kaJehova; ngokuba ngiyaliwe kanjalo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

13 niyakuwudla endaweni engcwele, ngokuba uyisabelo sakho nesabelo samadodana akho eminikelweni yokushiswa kaSimakade, ngokuba ngiyalwe kanjalo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

13 Kumelwe nikudlele endlini engcwele, ngoba kungokwenu nesamadodana akho eminikelweni yomlilo kaJehova; ngoba ngilaywe ngokunjalo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




ULevitikusi 10:13
7 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Wayesethi kimi: “Amakamelo asenyakatho namakamelo aseningizimu aphambi kwendawo eyahlukanisiweyo mawabe ngamakamelo angcwele, lapho abapristi abaseduze noJehova beyakudla khona okungcwelengcwele, babeke khona okungcwelengcwele, nomnikelo wempuphu, nomnikelo wesono, nomnikelo wecala, ngokuba indawo ingcwele.


UMose wakhuluma ku-Aroni naku-Eleyazare naku-Itamari amadodana akhe aseleyo, wathi: “Thathani umnikelo wempuphu osele eminikelweni yomlilo kaJehova, niwudle ungenamvubelo ngaseceleni kwe-altare, ngokuba ungcwelengcwele,


Isifuba sokuzuliswa nomlenze wokuphakanyiswa niyakukudla endaweni ehlambulukileyo, wena namadodana akho namadodakazi akho kanye nawe, ngokuba kuphiwe kube yimfanelo yakho nemfanelo yamadodana akho emihlatshelweni yeminikelo yokuthula yabantwana bakwa-Israyeli.


okuseleyo komnikelo wempuphu kuyakuba ngokuka-Aroni nokwamadodana akhe; kungcwelengcwele eminikelweni yomlilo kaJehova.


Okuseleyo kuwo kuyakudliwa ngu-Aroni namadodana akhe, kudliwe ngaphandle kwemvubelo endaweni engcwele, bakudlele egcekeni letende lokuhlangana.


Niyakudlela lokhu endaweni engcwelengcwele; bonke abesilisa bayakukudla; kuyakuba ngcwele kuwe.


Izinto ezingcwele zalowo nalowo ziyakuba ngezakhe; noma kungaba yini umuntu akunika umpristi, kuyakuba ngokwakhe.’ ”


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ