Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




ULevitikusi 1:13 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

13 ahlanze izibilini zalo namanqina alo ngamanzi, umpristi anikele ngakho konke, akushise e-altare kube ngumnikelo wokushiswa, umnikelo womlilo, ube yiphunga elimnandi kuJehova.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

13 kodwa ezangaphakathi namanqina kuyakugezwa ngamanzi. Umphristi akunikele konke, akushise kube nentuthu e-althare, kube ngumnikelo wokushiswa, ngumnikelo womlilo, kube yiphunga elimnandi kuSimakade.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

13 Kodwa kumelwe ageze izibilini nezinyawo ngamanzi, futhi umpristi kumelwe akulethe konke akushise e-altare; kungumnikelo wokushiswa, umnikelo womlilo onephunga elimnandi kuJehova.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




ULevitikusi 1:13
15 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

UJehova wezwa iphunga elimnandi; uJehova wathi enhliziyweni yakhe: “Angisayikuphinda ngiqalekise umhlaba ngenxa yabantu, ngokuba imicabango yomuntu mibi kwasebusheni bakhe; angisayikuphinda ngibhubhise konke okuphilayo, njengalokho ngenzile.


Wenza imicengezi eyishumi, wabeka eyisihlanu ngakwesokunene neyisihlanu ngakwesokhohlo ukuhlambela kuyo; okweminikelo yokushiswa babekugezela kuyo, kepha ulwandle lwalungolokuhlambela abapristi.


Kwakukhona ikamelo nomnyango walo ngasezinsikeni emasangweni; bahlanza khona umnikelo wokushiswa.


ahlanze izibilini zalo namanqina alo ngamanzi, umpristi akushise konke e-altare, kube ngumnikelo wokushiswa, umnikelo womlilo, ube yiphunga elimnandi kuJehova.


“ ‘Awuyikwenziwa ngemvubelo umnikelo wempuphu eninikela ngawo kuJehova, ngokuba aniyikushisa imvubelo nazinyosi kube ngumnikelo womlilo kuJehova.


awulethe kumadodana ka-Aroni, abapristi, acaphune kuwo ngokhweshe wempuphu ecolekileyo yawo nowamafutha awo, kanye nayo yonke inhlaka yawo, umpristi awushise ube yisikhumbuzo sawo e-altare, umnikelo womlilo, ube yiphunga elimnandi kuJehova;


Amadodana ka-Aroni ayakukushisa e-altare phezu komnikelo wokushiswa ophezu kwezinkuni ezisemlilweni, kube ngumnikelo womlilo, kube yiphunga elimnandi kuJehova.


Onke amanoni awo uyakuwasusa, njengalokhu amanoni esuswa emhlatshelweni weminikelo yokuthula, umpristi awashise e-altare abe yiphunga elimnandi kuJehova, umpristi amenzele ukubuyisana, aze athethelelwe.


“ ‘Nanku umthetho weminikelo yempuphu: amadodana ka-Aroni ayakunikela ngawo phambi kukaJehova ngaphambi kwe-altare.


Wahlanza izibilini namanqina ngamanzi; uMose washisa yonke inqama e-altare; yayingumnikelo wokushiswa, waba yiphunga elimnandi, umnikelo womlilo kuJehova, njengalokho uJehova emyalile uMose.


nenze umnikelo womlilo kuJehova, umnikelo wokushiswa, noma umhlatshelo wokugcwalisa isithembiso, noma umnikelo wesihle, noma owemikhosi yenu emisiweyo, ukwenza iphunga elimnandi kuJehova, owezinkomo noma owezimvu,


khona-ke onikela ngomnikelo wakhe woletha kuJehova umnikelo wempuphu wokweshumi kwempuphu ecolekileyo exovwe nokwesine kwehini* lamafutha;


“ ‘Ekwethwaseni kwenyanga niyakunikela ngomnikelo wokushiswa kuJehova: amaduna amabili, nenqama ibe nye, nezimvu zamaduna eziyisikhombisa ezinomnyaka munye ezingenasici,


Enye imvu uyakunikela ngayo kusihlwa, unikele ngayo ibe njengomnikelo wempuphu wasekuseni nomnikelo wawo wokuphuzwa, umnikelo womlilo wephunga elimnandi kuJehova.


unikele ngeminikelo yakho yokushiswa, inyama negazi, e-altare likaJehova uNkulunkulu wakho, igazi lemihlatshelo yakho lithululwe phezu kwe-altare likaJehova uNkulunkulu wakho, wena uyidle inyama.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ