Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UJoweli 3:9 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

9 Memezelani lokhu phakathi kwabezizwe, ningcwelise impi, niwavuse amaqhawe; mawasondele, enyuke onke amadoda empi.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

9 “Memezelani lokhu ezizweni, zilungiseleni impi, vivisani amabutho. Awasondele, akhuphuke amabutho.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

9 Kumemezeleni phakathi kwabezizwe; Lungisani impi, phakamisani amaqhawe, asondele onke amaqhawe; mabakhuphuke.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UJoweli 3:9
16 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Thanini phakathi kwabezizwe: “UJehova uyinkosi,” izwe lihlala liqinile, lingenakushukunyiswa; uthetha amacala ezizwe ngobuqotho.


Sondelani nina zizwe, nizwe, nilalele nina bantu: makuzwe umhlaba nokugcwala kwawo, nezwe nakho konke okuvela kulo.


“Zwanini izwi likaJehova nina zizwe, nilimemeze eziqhingini ezikude, nithi: ‘Owamhlakaza u-Israyeli uyakumbutha amlondoloze njengomalusi umhlambi wakhe.’


“Memezani phakathi kwezizwe, nikuzwakalise, nimise ibhanela,* nikuzwakalise, ningakufihli, nithi: ‘IBabele linqotshiwe, uBeli ujabhile, uMerodaki uphelile amandla; izithombe zalo zijabhile, imifanekiso yalo iphelile amandla.’


“Lolani imicibisholo, nibambe izihlangu. UJehova uvusile umoya wamakhosi aseMediya, ngokuba icebo lakhe ngeBabele lingukuba alichithe, ngokuba lokhu kuyimpindiselo kaJehova, impindiselo ngethempeli lakhe.


“Misani ibhanela* ezweni, nibethe amacilongo phakathi kwezizwe, ningcwelise izizwe ukuba zilwe nalo, nilibizele imibuso yase-Ararati, naseMini, nase-Ashikenaze, nibeke phezu kwalo umphathi wempi, nikhuphuke namahhashi anjengezinkumbi ezimahaye.


“Zingcweliseleni ukulwa nayo; vukani, sikhuphuke emini. Maye kithina! Ngokuba ilanga liyaphenduka, namathunzi okuhlwa aselulekile.


“ ‘Isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Wena unguye engakhuluma ngaye ngezinsuku zamandulo ngezandla zezinceku zami abaprofethi bakwa-Israyeli ababeprofetha ngalezo zinsuku iminyaka eminingi ukuthi ngiyakukuyisa kubo na?


“ ‘Lungela, yebo, uzilungisele, wena nawo onke amaviyo akho abuthene kuwe, ube ngumgcini wawo.


Usho kanje uJehova: “Ngabaprofethi abadukisa abantu bami, abathi, bese nakho okokuhlafuna ngamazinyo abo, bamemeze bathi: ‘Ukuthula,’ nongabeki lutho emlonyeni wabo bamlungisele ukulwa.


ngizamazamise nabo bonke abezizwe, kufike okunxanelekayo kwabo bonke abezizwe, ngiyigcwalise le ndlu ngenkazimulo,’ usho uJehova Sebawoti.


Ngiyakubuthela iJerusalema bonke abezizwe ukuba balwe nalo; umuzi uyakuthathwa, izindlu ziphangwe, kuphoqwe abesifazane; inxenye yomuzi iyakumuka, iye ekuthunjweni, kepha abantu abaseleyo abayikunqunywa emzini.


UJehova uyakuphuma, alwe nalabo bezizwe njengasosukwini lwempi yakhe ngosuku lokulwa.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ