Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UJoweli 3:5 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

5 njengalokho nithathile isiliva lami negolide lami, nangenisa izinto zami ezinhle emathempelini enu,

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

5 Phela nina nithathe isiliva negolide lami, nangenisa amagugu ami emathempelini enu,

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

5 Ngoba nathatha isiliva lami legolide lami, laletha izinto zami eziligugu emathempelini enu.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UJoweli 3:5
15 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

UJehowashi, inkosi yakwaJuda, wathatha zonke izinto ezingcwele, ezingcwelisiwe ngoJehoshafati noJehoramu no-Ahaziya oyise, amakhosi akwaJuda, nezinto zakhe ezingcwelisiwe, nalo lonke igolide elafunyanwa engcebeni endlini kaJehova nasendlini yenkosi, wakuthuma kuHazayeli inkosi yase-Aramu; wayesesuka eJerusalema.


U-Ahazi wathatha isiliva negolide elafunyanwa endlini kaJehova nasengcebeni endlini yenkosi, walithuma enkosini yase-Asiriya laba yisipho.


Yakhipha khona yonke ingcebo yendlu kaJehova nengcebo yendlu yenkosi, yahlahlela zonke izinto zegolide uSolomoni inkosi yakwa-Israyeli azenzileyo ethempelini likaJehova njengokukhuluma kukaJehova.


Kuyakuthi ngalolo suku iNkosi ibuye yelule isandla sayo ngokwesibili ukuzuza insali yabantu bayo eyakusala e-Asiriya, naseGibithe, nasePhatirosi, naseKushe, nase-Elamu, naseShineyari, naseHamati, naseziqhingini zolwandle.


“Ngalokho bheka, izinsuku ziyeza,” usho uJehova, “abangasayikusho ngazo ukuthi: ‘Kuphila kukaJehova owabakhuphula abantwana bakwa-Israyeli ezweni laseGibithe,’


Yizwi lababalekayo nabaphunyuka ezweni laseBabele ukuba bamemeze eSiyoni impindiselo kaJehova uNkulunkulu wethu, impindiselo ngethempeli lakhe!


“Lolani imicibisholo, nibambe izihlangu. UJehova uvusile umoya wamakhosi aseMediya, ngokuba icebo lakhe ngeBabele lingukuba alichithe, ngokuba lokhu kuyimpindiselo kaJehova, impindiselo ngethempeli lakhe.


Ngalokho profetha, uthi kubo: ‘Isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Bheka, ngiyakuvula amathuna enu, nginikhuphule emathuneni enu nina bantu bami, nginiyise ezweni lakwa-Israyeli.


Kepha unkulunkulu wezinqaba uyakumdumisa esikhundleni sabo, nonkulunkulu ababengamazi oyise uyakumdumisa ngegolide, nangesiliva, nangamatshe anqabileyo nangokunye okuthandiweyo.


Kepha entabeni yaseSiyoni kuyakuba khona abasindayo, ibe ngcwele, nendlu yakwaJakobe iyakudla ifa layo.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ