Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UJoweli 3:4 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

4 “Niyini kimi, nina Tire neSidoni, nayo yonke imikhawulo yaseFilistiya na? Niyakungibuyisela utho na? Uma ningibuyisela utho ngiyakushesha ngibuyisele masinyane phezu kwekhanda lenu izenzo zenu,

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

4 “Ningifunani nje nina Thire neSidoni nazo zonke izifunda eFilistiya na? Kukhona yini enikhokhisa ngakho kimi na? Uma nizikhokhisela kimi, ngiyakusheshe ngibuyisele masinyane phezu kwamakhanda enu ukuzikhokhisela kwenu.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

4 Yebo, nihlangene ngani nami, Tire, neSidoni, nani nonke zifunda zasePalestina na? uzongibuyisela yini? futhi uma ungiphindisela, ngokushesha futhi ngokushesha ngizokwehlisela impindiselo yakho phezu kwekhanda lakho;

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UJoweli 3:4
24 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

UJehova wavusa umoya wamaFilisti nowabase-Arabiya abaseceleni kwamaKushe ngoJehoramu;


Ungathokozi wena Filistiya lonke ngokuthi intonga ekushayileyo yaphukile, ngokuba empandeni yenyoka kuyakuphuma ibululu, nenzalo yalo iyakuba yinyoka endizayo.


Ngokuba kulusuku lokuphindisela kukaJehova; ngumnyaka wokubuyisela ngendaba yaseSiyoni.


Njengokwenza kwabo, kanjalo uyakubaphindisela: ukufutheka kuzo izitha zakhe, nokwenza kwabo kwabamelene naye, abuyisele eziqhingini izenzo zazo.


Izwi likaJehova elafika kuJeremiya umprofethi ngamaFilisti, uFaro engakanqobi iGaza.


ngenxa yosuku olufika ukuchitha onke amaFilisti nokunquma eTire naseSidoni bonke abasizi abaseleyo, ngokuba uJehova uyakuwachitha amaFilisti, insali yesiqhingi saseKafitori.


“Balekani eBabele, yilowo nalowo akhulule ukuphila kwakhe, ninganqunywa ngokona kwalo, ngokuba kuyisikhathi sempindiselo kaJehova, uyakuliphindisela.


Umhlaba uyazamazama phambi kwabo, amazulu ayathuthumela; ilanga nenyanga kuphenduka ubumnyama, nezinkanyezi zisusa ukukhanya kwazo.


usuku lobumnyama nolwesigayegaye, usuku lwamafu nolobumnyama obukhulu, njengokusa kwenekwe ezintabeni, abantu abaningi abanamandla abangazange babe ngabanjalo kwasendulo, nabangasoze baba ngabanjalo emva kwabo kuze kube naseminyakeni yezizukulwane ngezizukulwane.


“Maye kuwe Korazini! Maye kuwe Betsayida! Ngokuba uma kwakwenziwe eTire naseSidoni imisebenzi yamandla eyenziwe kini, ngakube kade yaphenduka ngesaka nangomlotha.


Kepha ngithi kini: Kuyakuba ngcono kulo iTire neSidoni ngosuku lokwahlulelwa kunakini.


“Maye kuwe Korazini! Maye kuwe Betsayida! Ngokuba uma kwakwenziwe eTire naseSidoni imisebenzi yamandla eyenziwe kini, ngakube kade yaphenduka, ihlala ngesaka nangomlotha.


Kepha kuyakuba ngcono kulo iTire neSidoni ekwahlulelweni kunakini.


UNkulunkulu kayikubezwela yini abakhethiweyo bakhe abakhala kuye imini nobusuku, ababekezelele, na?


Wawa phansi emhlabathini, wezwa izwi lithi kuye: “Sawulu, Sawulu, ungizingelelani na? Kulukhuni kuwe ukukhahlela ezinkandini.”


Ngeyami impindiselo nembuyiselo ngesikhathi sokushelela konyawo lwabo, ngokuba usuku lwabo lwengozi selusondele, izinto abazilungiselweyo ziyakuphuthuma.


uma kambe kuyinto elungile kuNkulunkulu ukuba abuyisele ukuhlupheka kubo abanihluphayo,


UJefta wathuma izithunywa enkosini yabantwana bakwa-Amoni, wathi: “Unamsebenzi muni nami ukuba uze kimi ukulwa nezwe lakithi na?”


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ