Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UJoweli 2:28 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

28 “Kuyakuthi ngasemuva ngithulule uMoya wami phezu kwayo yonke inyama; amadodana enu namadodakazi enu ayakuprofetha, abadala benu baphuphe amaphupho, izinsizwa zenu zibone imibono;

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

28 “Kuyakuthi kamuva ngithululele uMoya wami phezu kwabo bonke abantu. Amadodana namadodakazi enu ayakuphrofetha, abadala benu baphuphe amaphupho, izinsizwa zenu zibone imibono.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

28 Emva kwalokho ngiyakuthulula uMoya wami phezu kwayo yonke inyama; amadodana enu namadodakazi enu ayakuprofetha, amaxhegu enu aphuphe amaphupho, nezinsizwa zenu zibone imibono.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UJoweli 2:28
33 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Buyani ngokusola kwami; bhekani, ngiyakuthulula umoya wami phezu kwenu, nginazise amazwi ami.


uMoya aze athululwe phezu kwethu evela phezulu, nehlane liphenduke insimu, nensimu ithiwe ihlathi.


Inkazimulo kaJehova iyakubonakaliswa, yonke inyama ikubone kanyekanye, ngokuba umlomo kaJehova ukhulumile.”


Ngokuba ngiyakuthela amanzi phezu kokomileyo, nezikhukhula phezu kokushileyo, ngithulule uMoya wami phezu kwenzalo yakho, nesibusiso sami phezu kwabantwana bakho;


Ngiyakudlisa abacindezeli bakho inyama yabo, badakwe yigazi labo njengangewayini elimnandi; inyama yonke iyakwazi ukuthi mina Jehova nginguMsindisi wakho, noMhlengi wakho, uMninimandla kaJakobe.”


yebo, uthi: “Kuyinto elula ukuba ube yinceku yami ukuvusa izizwe zakwaJakobe, nokubuyisa abaseleyo bakwa-Israyeli; ngalokho ngiyakukubeka ube ngukukhanya kwabezizwe, ube yinsindiso yami kuze kube semkhawulweni womhlaba.”


Bonke abantwana bakho bayakuba ngabafundi bakaJehova, nokuthula kwabantwana bakho kuyakuba kukhulu.


“Ngizwile ukuthi bathini abaprofethi abaprofetha amanga egameni lami, bethi: ‘Ngiphuphile, ngiphuphile.’


Umprofethi onephupho makalilandise iphupho, kepha onezwi lami makalikhulume izwi lami ngeqiniso. Amakhoba ayini kukolweni na?” usho uJehova.


Ngiyakufaka umoya wami phakathi kwenu, ngenze ukuba nihambe ngezimiso zami; niyakugcina izahlulelo zami, nizenze.


Ngiyakuwufaka uMoya wami kini, nize niphile, nginibeke ezweni lakini, nazi ukuthi mina Jehova ngikhulumile, ngakwenza, usho uJehova.’ ”


angisayikusitheza ubuso bami kubo, ngokuba ngiyakuthulula uMoya wami phezu kwendlu yakwa-Israyeli, isho iNkosi uJehova.”


Ngomnyaka wokuqala kaBelishasari, inkosi yaseBabele, uDaniyeli wabona iphupho nemibono yekhanda lakhe embhedeni wakhe, waliloba iphupho, walanda inhloko yezindaba.


“Ngiyakuthululela phezu kwendlu kaDavide naphezu kwabakhileyo eJerusalema umoya womusa nowokunxusa, bambheke abamgwazileyo, bamlilele njengokulilela ozelwe yedwa, babe nomunyu ngaye njengonomunyu ngezibulo lakhe.


Ngiyakwehla, ngikhulume nawe khona, ngithathe okomoya ophezu kwakho, ngikubeke kuwo; ayakuthwala umthwalo wabantu kanye nawe, ukuze ungawuthwali wedwa.


Wayesethi: “Yizwani manje amazwi ami: uma kukhona umprofethi phakathi kwenu, mina Jehova ngiyakuzibonakalisa kuye ngombono, ngikhulume kuye ngephupho.


UZakariya uyise wagcwala uMoya oNgcwele, waprofetha wathi:


inyama yonke izakubona insindiso kaNkulunkulu.’ ”


Washo lokho ngoMoya abazakumamukela abakholwa nguye, ngokuba uMoya wayengakafiki, lokhu uJesu wayengakakhazimuliswa.


ngakho ephakanyiselwe ngakwesokunene sikaNkulunkulu, esamukele kuYise isithembiso sikaMoya oNgcwele, wakuthulula lokhu enikubonayo nenikuzwayo.


Ngokuba isithembiso ngesenu nesabantwana benu, esabo bonke abakude, bonke iNkosi uNkulunkulu wethu eyakubabiza.”


Yena-ke wayenamadodakazi amane, izintombi eziprofethayo.


Akakho umJuda nomGreki, akakho oboshiweyo nokhululekileyo, akakho owesilisa nowesifazane, ngokuba nina nonke nimunye kuKristu Jesu.


UNkulunkulu esekhulumile endulo kokhokho ngabaprofethi ngamathuba amaningi nangezindlela eziningi,


USawule wathuma izithunywa ukumthatha uDavide; lapho zibona iviyo labaprofethi beprofetha, uSamuweli emi engumholi wabo, uMoya kaNkulunkulu wazehlela izithunywa zikaSawule, nazo zaprofetha.


Kwabikwa kuSawule; wathuma ezinye izithunywa; nazo zaprofetha. USawule wayesephinda wathuma izithunywa ngokwesithathu; nazo zaprofetha.


USawule wabuza kuJehova; uJehova akamphendulanga nangamaphupho, nange-Urimi,* nangabaprofethi.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ