Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UJoweli 2:26 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

26 Niyakudla nokudla, nisuthe, nilidumise igama likaJehova uNkulunkulu wenu oniphathe ngokumangalisayo; abantu bami abayikujabha kuze kube phakade.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

26 Impela niyakudla nisuthe, nilidumise igama likaSimakade uNkulunkulu wenu onenzele okumangalisayo; abantu bami abayukujabha ingunaphakade.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

26 Niyakudla ngokuchichimayo, nisuthe, nilidumise igama likaJehova uNkulunkulu wenu oniphathe ngokumangalisayo; futhi abantu bami abayikujabha kuze kube phakade.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UJoweli 2:26
41 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Mawusamukele isibusiso sami esilethwa kuwe, ngokuba uNkulunkulu ungenzele umusa nangokuba nginakho konke.” Wamcindezela; wasamukela-ke.


Bathatha imizi ebiyelweyo nezwe elivundileyo, badla izindlu ezigcwele okuhle konke: imithombo embiweyo, nezivini, neminqumo, nemithi eminingi yokudliwa; badla-ke, basutha, bakhuluphala, benama ngobuhle bakho obukhulu.


osuthisa ukulangazela kwakho ngokuhle, ubusha bakho bubuyiswe njengokhozi.


Buyela ekuphumuleni kwakho, mphefumulo wami, ngokuba uJehova ukuphathe ngomusa.


ngizakuhlabelela kuJehova, ngokuba ungenzele okuhle.


Abamnene bayakudla, basuthe; abafuna uJehova bayakumdumisa; inhliziyo yenu mayiphile kuze kube phakade.


Abayikujabha esikhathini esibi; bayakusutha ezinsukwini zendlala.


Abantu mabakubonge, Nkulunkulu; mabakubonge abantu bonke.


Makabongwe uJehova uNkulunkulu, uNkulunkulu ka-Israyeli, onguye yedwa owenza izimangaliso.


Olungileyo uyadla uze usuthe umphefumulo wakhe, kepha isisu sababi siyaswela.


Sengingenile ensimini yami, dadewethu, makoti wami; ngiyabutha imure* lami namakha ami, ngiyadla amakhekheba ami kanye nezinyosi zami, ngiyaphuza iwayini lami kanye nobisi lwami. Yidlani, bangane, niphuze, nisuthe ngothando.


Jehova, unguNkulunkulu wami; ngiyakukuphakamisa, ngidumise igama lakho, ngokuba wenzile izimangaliso, namasu asendulo, nokuthembeka, neqiniso.


Ngalokho ngendlu kaJakobe usho kanje uJehova owamhlenga u-Abrahama, uthi: “UJakobe akasayikuba namahloni, nobuso bakhe abusayikuphaphatheka.


Kepha u-Israyeli uyakusindiswa nguJehova ngokusindiswa okuphakade; aniyikujabha, aniyikuba namahloni kuze kube phakade.


Amakhosi ayakuba ngabazanyana bakho, namakhosikazi awo ayakuba ngabancelisi bakho; bayakukukhothamela ubuso bubheke phansi, bakhothe uthuli lwezinyawo zakho; uyakwazi ukuthi nginguJehova, abethemba kimi abayikujabha.”


“Ungesabi, ngokuba awuyikujabha, ungabi namahloni, ngokuba awuyikujabhiswa, ngokuba uyakukhohlwa ihlazo lobusha bakho, ungabe usawakhumbula amahloni obufelokazi bakho.


Niyichithelani imali kukho okungesiso isinkwa, nenzuzo yenu kukho okunganelisiyo, na? Ngilaleleni nokungilalela, nidle okuhle, umphefumulo wenu ujabule ngamanoni.


Izwe liyakuthela izithelo zalo, nidle nisuthe, nihlale kulo nilondekile.


Nxa ngaphula uzime lwesinkwa, abesifazane abayishumi bayakupheka isinkwa sakho eziko linye, babuyise isinkwa senu ngesisindo; niyakudla ningasuthi.


Ukubhula kwenu kuyakufinyelela ekuvunweni kwemivini, ukuvunwa kwemivini kuyakufinyelela esikhathini sokulima; niyakudla isinkwa senu, nisuthe, nihlale ezweni lakini nilondekile.


Lapho udlayo, awuyikusutha, kube khona ukulamba phakathi kwakho; uyakususa, ungakhululi kodwa, nokukhululayo ngiyakukukhaphela enkembeni.


Ngalolo suku awusayikuba namahloni ngazo zonke izenzo zakho ophambuke ngazo kimi, ngokuba khona ngiyakususa phakathi kwakho abazidla ngokujabula, awusayikuziphakamisa entabeni yami engcwele.


UJehova Sebawoti uyakubavikela, badle, banyathele phansi amatshe endwayimana; bayakuphuza igazi labo njengewayini, bagcwale njengemikhele, njengamagumbi e-altare.


Yeka ubuhle balo! Yeka ukubukeka kwalo! Amabele abo ayakuhlumisa izinsizwa zalo, newayini elisha izintombi zalo.


Ngokuba umbhalo uthi: “Lowo okholwayo akayikujabhiswa.”


ithemba alijabhisi, ngokuba uthando lukaNkulunkulu lutheliwe ezinhliziyweni zethu ngoMoya oNgcwele esimuphiweyo.


njengalokho kulotshiwe ukuthi: “Bheka, ngibeka eSiyoni itshe lokukhubekisa, nedwala lokuwisa, nokholwa yilo akayikujabha.”


Ngiyakunika izinkomo zakho utshani emadlelweni akho; uyakudla, usuthe.


niyakwenama phambi kukaJehova uNkulunkulu wenu, nina namadodana enu, namadodakazi enu, nezinceku zenu, nezincekukazi zenu, nomLevi ophakathi kwamasango enu, lokhu engenasabelo nafa kini.


kepha ukudle phambi kukaJehova uNkulunkulu wakho kuleyo ndawo ayakuyikhetha uJehova uNkulunkulu wakho, wena nendodana yakho, nendodakazi yakho, nenceku yakho, nencekukazi yakho, nomLevi ophakathi kwamasango akho, wename phambi kukaJehova uNkulunkulu wakho kukho konke obeka kukho isandla sakho.


nidle khona phambi kukaJehova uNkulunkulu wenu, nename kukho konke enibeka kukho isandla senu, nina nabendlu yenu, uJehova uNkulunkulu wakho akubusise ngakho.


“Uyakudla usuthe, umbonge uJehova uNkulunkulu wakho ngezwe elihle akunike lona.


Yala abacebileyo kuleli zwe lamanje ngokuthi bangakhukhumali, bangathembeli engcebeni engemiyo, kepha mabathembele kuNkulunkulu osicebisa ngakho konke, sithokoze ngakho,


Nakalokhu, bantwanyana, hlalani kuye, ukuze, nxa ebonakala, sibe nesibindi, singabi namahloni sinyibe kuye ekubonakaleni kwakhe.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ