Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UJoweli 2:20 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

20 “Ngiyakudedisela kude nani owasenyakatho, ngimxoshele ezweni elomileyo nelichithakeleyo, ubuso bakhe bube ngaselwandle lwasempumalanga, umuva wakhe ube ngaselwandle lwasentshonalanga, kukhuphuke ukunuka kwakhe, kwenyuke iphunga lakhe elibi;” ngokuba wenzile izinto ezinkulu.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

20 Ngiyakuyidudulela kude nani impi yasenyakatho, ngiyixoshele ezweni eligagadekile neliyincithakalo, ubuso bayo bubheke ngasolwandle empumalanga, ingemuva layo lifulathele ngasolwandle entshonalanga, ukunuka kwayo kukhuphuke, kwenyuke nephunga layo elibi, ngokuba wenze izinto ezinkulu.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

20 Kodwa ngiyoyidedisela kude nani impi yasenyakatho ngilixoshele ezweni eliwugwadule neliyincithakalo, ubuso balo bubheke oLwandle LwaseBaltiki nezinqe zalo zibheke ngaselwandle lwasentshonalanga, ukunuka kwalo kukhuphuke, kukhuphuke iphunga lalo elibi; ngoba wenza izinto ezinkulu.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UJoweli 2:20
15 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Kepha uHazayeli wathi: “Kodwa iyini inceku yakho eyinja nje ukuba yenze le nto enkulu na?” Wathi u-Elisha: “UJehova ungibonisile ukuthi uyakuba yinkosi e-Aramu.”


UJehova usenzele izinto ezinkulu, sajabula.


UJehova wayesewuphendula umoya waba ngowasentshonalanga onamandla amakhulu; wona wasusa isikhonyane, wasilahla eLwandle Olubomvu; akwasala sikhonyane nesisodwa ezweni lonke laseGibithe.


Bawabuthela izinqwaba ngezinqwaba, izwe lanuka.


Ababuleweyo bazo balahliwe, nokunuka kuyenyuka ezidunjini zabo; izintaba zincibilika ngegazi labo.


“Uhlangothi lwasempumalanga, kusukela phakathi kweHawurana neDamaseku, naphakathi kwelakwaGileyadi nezwe lakwa-Israyeli, luyakuba yiJordani; lusukela kulo mkhawulo, luze lube selwandle lwasempumalanga naseTamari. Lolu luluhlangothi lwasempumalanga.


“Nganithumela isifo ngendlela yaseGibithe, ngazibulala izinsizwa zenu ngenkemba, ngathumba amahhashi enu, ngenza ukuba ukunuka kwekamu* lenu kukhuphukele nasemakhaleni enu, kepha nokho anibuyelanga kimi,” usho uJehova.


Kuyakuthi ngalolo suku kuphume amanzi aphilayo eJerusalema, inxenye yawo ngaselwandle lwasempumalanga, inxenye yawo ngaselwandle lwasentshonalanga, kube sehlobo nasebusika.


Ngenxa yenu ngiyakukhuza okudlayo, kungachithi izithelo zomhlabathi wenu, nemivini yenu ayiyikuphutha endle,” usho uJehova Sebawoti.


Yonke indawo lapho amathe onyawo lwakho eyakunyathela khona iyakuba ngeyenu, kusukela ehlane naseLebanoni naseMfuleni, umfula u-Ewufrathe, kuze kube selwandle olungasemuva, lube ngumkhawulo wenu.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ