Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UJoweli 2:14 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

14 Ngubani owaziyo uma engayikubuya, ahawukele, ashiye isibusiso emva kwakhe, kube ngumnikelo wempuphu nomnikelo wokuphuzwa kuJehova uNkulunkulu wenu, na?

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

14 Ngubani owaziyo uma engabuya axolele, ashiye isibusiso emva kwakhe, kube ngumnikelo wokusanhlamvu nowokuphuzwayo kuSimakade uNkulunkulu wenu na?

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

14 Ngubani owaziyo uma eyobuya futhi aphenduke futhi ashiye isibusiso ngemva kwakhe; umnikelo wokudla nomnikelo wokuphuzwayo kuJehova uNkulunkulu wenu na?

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UJoweli 2:14
20 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Wathi-ke yena: “Umntwana esekhona ngazila ukudla, ngakhala, ngokuba ngathi: Ngubani owaziyo ingabe uJehova uyakuba nomusa kimi ukuba umntwana aphile na?


Mhlawumbe uJehova uyakubheka usizi lwami, angibuyisele okuhle ngokungithuka namuhla.”


Mhlawumbe uJehova uNkulunkulu wakho uyakuzwa onke amazwi kaRabi Shake othunywe yinkosi yase-Asiriya, inkosi yakhe, ukweyisa uNkulunkulu ophilayo, asole amazwi uJehova uNkulunkulu wakho awezwileyo; ngalokho phakamisela insali esafunyanwayo umkhuleko wakho.’ ”


Kwathi ngangomuso uMose wathi kubantu: “Nenzile isono esikhulu; sengiyakukhuphukela kuJehova, uma mhlawumbe ngingenza ukubuyisana ngesono senu.”


Usho kanje uJehova, uthi: “Njengalokhu iwayini litholwa ehlukuzweni, bese kuthiwa: ‘Malingachithwa, ngokuba isibusiso sikulo,’ kanjalo ngiyakwenza ngenxa yenceku yami: angiyikubabulala bonke.


leso sizwe engikhulumile ngaso bese siphenduka ebubini baso, ngiyakubuya kukho okubi ebengicabanga ukukwenza kuso.


Ngalokho lungisani izindlela zenu nezenzo zenu, nilalele izwi likaJehova uNkulunkulu wenu, uJehova abuye kukho okubi akukhulume kini.


Mhlawumbe bayakulalela, baphenduke, kube yilowo nalowo endleleni yakhe embi, ngibuye kukho okubi ebengicabanga ukukwenza kubo ngenxa yobubi bezenzo zabo.


Bhincani, nikhale, bapristi, nihhewule, nina zikhonzi ze-altare; wozani nilale bonke ubusuku ezindwangwini zamasaka, zikhonzi zikaNkulunkulu wami, ngokuba iminikelo yempuphu neminikelo yokuphuzwa kugodliwe endlini kaNkulunkulu wenu.


Akunqunywanga ukudla kwethu phambi kwamehlo ethu, intokozo nenjabulo endlini kaNkulunkulu wethu, na?


Iminikelo yempuphu neminikelo yokuphuzwa inqamukile endlini kaJehova; abapristi, izikhonzi zikaJehova, bayalila.


Zondani okubi, nithande okuhle, nimise ukwahlulela esangweni; mhlawumbe uJehova uNkulunkulu Sebawoti uyakuba nomusa kuyo insali yakwaJosefa.


Kwase kusondela kuye induna yomkhumbi, yathi: “Unani wena olele ubuthongo na? Vuka, ubize uNkulunkulu wakho; mhlawumbe lo Nkulunkulu uyakusikhumbula ukuba singabhubhi.”


Ngubani owaziyo uma uNkulunkulu engayikubuya, azisole, abuye ekufutheni kwentukuthelo yakhe, size singabhubhi, na?”


Funani uJehova nina nonke bathobekileyo bomhlaba enisebenzile ukwahlulela kwakhe; funani ukulunga; funani ukuthobeka; mhlawumbe niyakusitshekelwa ngosuku lolaka lukaJehova.


Imbewu isesibuyeni na? Qha, imivini, nemikhiwane, namapomegranati,* neminqumo akuthelanga; kepha kusukela kulolu suku ngiyakukubusisa.’ ”


ibalaya ngomoya omnene abamelene nayo, kumbe uNkulunkulu angabanika ukuphenduka, baze balazisise iqiniso,


Ngalokho nginike manje le ntaba uJehova akhuluma ngayo ngalolo suku, ngokuba wezwa wena ngalolo suku ukuthi ama-Anaki ayelapho enemizi emikhulu ebiyelweyo; mhlawumbe uJehova uyakuba nami, ngiwaxoshe njengokukhuluma kukaJehova.”


Niyakwenza imifanekiso yamathumba enu nemifanekiso yamagundane enu alonayo izwe, nimnike uNkulunkulu ka-Israyeli udumo; mhlawumbe uyakusenza lula isandla sakhe phezu kwenu, naphezu kwawonkulunkulu benu, naphezu kwezwe lakini.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ