Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UJoweli 1:4 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

4 Okushiywe yisibotho kudliwe yisikhonyane, nokushiywe yisikhonyane kudliwe yizinkumbi, nokushiywe yizinkumbi kudliwe yinkasa.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

4 Okushiywe yisikhonyane kudliwe ngamaqhwagi, nokushiywe amaqhwagi kwadliwa yisibotho, kwathi okushiywe yisibotho kwadliwa yinkasa.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

4 Okusalayo kwesundu kwadliwa yisikhonyane; okwasalayo kwadliwa yinkumbi; okwasalayo kwadla amacimbi.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UJoweli 1:4
19 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

“Uma kukhona indlala ezweni, noma kukhona isifo, noma kukhona ukuhamuka, nesikhutha, nesikhonyane, nemiswenya, noma isitha sabo sibavimbezela ezweni lemizi yabo, noma kuyiphi inhlupheko nasiphi isifo,


“Uma kukhona indlala ezweni, noma kukhona isifo, noma kukhona ukuhamuka, nesikhutha, nesikhonyane, nemiswenya, noma izitha zabo zibavimbezela ezweni lemizi yabo, noma kuyiphi inhlupheko nasiphi isifo,


“Uma ngivala izulu ukuba kungabikho mvula, noma ngiyaleza isikhonyane ukuba sidle izwe, noma ngithuma isifo phakathi kwabantu bami,


Wakhuluma, kwavela isikhonyane nezinkumbi ezingenakubalwa.


Wanika imiswenya ukudla kwabo, nomsebenzi wabo isikhonyane.


Ngokuba uma wenqaba ukuba abantu bami bahambe, bheka, ngomuso ngizakuletha isikhonyane ezweni lakho.


Siyakusibekela ubuso bomhlaba, ukuze kungabe kusabonwa mhlabathi; siyakudla okuseleyo okusindile, enikushiyelwe yisichotho, sidle yonke imithi enimilelayo endle.


Impango iyakubuthwa njengokubutha kwecimbi, nanjengokuhlasela kwezinkumbi iyakuhlaselwa.


UJehova Sebawoti uzifungile wathi: Noma ngikugcwalisile ngabantu njengangezinkumbi, bayakuhalalisa nokho ngawe.


“Misani ibhanela* ezweni, nibethe amacilongo phakathi kwezizwe, ningcwelise izizwe ukuba zilwe nalo, nilibizele imibuso yase-Ararati, naseMini, nase-Ashikenaze, nibeke phezu kwalo umphathi wempi, nikhuphuke namahhashi anjengezinkumbi ezimahaye.


“Ngiyakubuyisela kini iminyaka eyadliwa yisikhonyane, nezinkumbi, nenkasa, nesibotho, impi yami enkulu engayithuma phakathi kwenu.


“Nganishaya ngokuhamuka nesikhutha; izivande zenu, nezivini zenu, nemikhiwane yenu, neminqumo yenu eminingi kwadliwa yisibotho, kepha nokho anibuyelanga kimi,” usho uJehova.


INkosi uJehova yangibonisa kanje: bheka, yayenza isikhonyane ekuqaleni kokumila kotshani bamuva; bheka, kwakungutshani bamuva emva kokusika kwenkosi.


Ngenxa yenu ngiyakukhuza okudlayo, kungachithi izithelo zomhlabathi wenu, nemivini yenu ayiyikuphutha endle,” usho uJehova Sebawoti.


“Uyakuphuma nembewu eningi, uye ensimini, ubuthe okuyingcosana, ngokuba kuyakudliwa yisikhonyane.


Yonke imithi yakho nezithelo zomhlabathi wakho kuyakudliwa yisikhonyane.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ