Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UJoshuwa 9:27 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

27 UJoshuwa wabenza ngalolo suku abagawuli bemithi nabakhi bamanzi kuyo inhlangano nakulo i-altare likaJehova kuze kube namuhla endaweni abeyakuyikhetha.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

27 Kodwa kusukela ngalolo lusuku uJoshuwa wabenza abathezi bezinkuni nabakhela ibandla lonke ne-althare likaSimakade amanzi. Lona ngumsebenzi abasaqhubeka ukuwenza nanamhlanje endaweni aziqokele yona uNkulunkulu.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

27 UJoshuwa wabenza abagawuli bezinkuni nemithombo yamanzi ngalolo suku, bebandla nase-altare likaJehova, kuze kube namuhla endaweni abengayikhetha.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UJoshuwa 9:27
9 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Thina siyakugawula imithi eLebanoni njengokuswela konke kwakho, siyiyise kuwe eJopha elwandle ngezihlenga, wena uyikhuphulele eJerusalema.”


uthelisele uJehova amadoda empi aya ekulweni, kube kunye emakhulwini ayisihlanu, awabantu, nawezinkomo, nawezimbongolo, nawezimvu,


Enxenyeni yabantwana bakwa-Israyeli wothabatha kube kunye emashumini ayisihlanu, awabantu, nawezinkomo, nawezimbongolo, nawezimvu, yebo, awezilwane zonke, ukunike amaLevi agcina inkonzo yetabernakele* likaJehova.”


yebo, kule nxenye yabantwana bakwa-Israyeli uMose wathatha kube kunye emashumini ayisihlanu, awabantu nawezilwane, wakunika amaLevi agcina inkonzo yetabernakele* likaJehova, njengalokho uJehova emyalile uMose.


kuyakuthi kuleyo ndawo uJehova uNkulunkulu wenu ayakuyikhetha ukuba kuhlale khona igama lakhe, niyise lapho konke enginiyala ngakho: iminikelo yenu yokushiswa, nemihlatshelo yenu, nokweshumi kwenu, nomnikelo wokuphakanyiswa wesandla senu, nezithembiso zenu ezikhethiweyo enizethembisa kuJehova;


kepha kuleyo ndawo uJehova ayakuyikhetha kwesinye sezizwe zakho, uyakunikela lapho ngeminikelo yakho yokushiswa, wenze khona konke engikuyala ngakho.


Kodwa indawo uJehova uNkulunkulu wenu ayakuyikhetha kuzo zonke izizwe zenu ukuba abeke igama lakhe kuyo, leyo ndlu yakhe niyakuyifuna, nize kuyo,


Izikhulu zase zithi kubo: “Mabayekwe baphile; baba ngabagawuli bemithi nabakhi bamanzi kuyo yonke inhlangano njengalokho izikhulu zazibatshelile.”


Wayesenze njalo kubo, wabophula esandleni sabantwana bakwa-Israyeli, baze bangababulali.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ