Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UJoshuwa 9:21 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

21 Izikhulu zase zithi kubo: “Mabayekwe baphile; baba ngabagawuli bemithi nabakhi bamanzi kuyo yonke inhlangano njengalokho izikhulu zazibatshelile.”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

21 Abaholi babo bathi kubo: “Masibayeke baphile, ukuze basithezele izinkuni, futhi bakhele lonke ibandla lakwa-Israyeli amanzi, njengokuba abaholi benqumile ngabo.”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

21 Izikhulu zathi kubo: “Bayekeni baphile; kodwa mababe abagawuli bezinkuni nabagawuli bamanzi benhlangano yonke; njengokusho kwezikhulu kubo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UJoshuwa 9:21
9 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Ukuhashaza kokuhamba kwalo kunjengokwenyoka; ngokuba bahamba nempi, balifikele bephethe amazembe njengabagawuli bemithi.


“Nimi namuhla nonke phambi kukaJehova uNkulunkulu wenu: izinhloko zenu, nezizwe zenu, namalunga enu, nezinduna zenu, bonke abantu bakwa-Israyeli,


nezingane zenu, nawomkenu, nomfokazi ophakathi kwamakamu* akho, kusukela kumgawuli wemithi kuze kufike kumukhi wamanzi,


Kwathi lapho u-Adoni Sedeki inkosi yaseJerusalema esezwile ukuthi uJoshuwa uthathile i-Ayi, waliqeda nya njengalokho ebenzile kulo iJeriko nenkosi yalo, wayenze njalo kulo i-Ayi nenkosi yalo nokuthi abakhileyo eGibeyoni benzile ukuthula no-Israyeli, baba phakathi kwabo,


UJoshuwa wabethembisa ukuthula, wenza isivumelwano nabo ukuba baphile; izikhulu zenhlangano zafunga kubo.


Siyakwenza lokho kubo, sibayeke baphile, funa sehlelwe lulaka ngenxa yesifungo esasifunga kubo.”


Ngalokho seniqalekisiwe, akuyikunqamuka ukuvela kini izigqila, abagawuli bemithi nabakhi bamanzi kuyo indlu kaNkulunkulu wami.”


UJoshuwa wabenza ngalolo suku abagawuli bemithi nabakhi bamanzi kuyo inhlangano nakulo i-altare likaJehova kuze kube namuhla endaweni abeyakuyikhetha.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ