Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UJoshuwa 9:17 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

17 Abantwana bakwa-Israyeli base besuka, bafika emizini yabo ngosuku lwesithathu; imizi yabo yayiyiGibeyoni, neKefira, neBeroti, neKiriyati Jeharimi.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

17 Abantu bakwa-Israyeli basuka bagasela kuzo, bafika emizini yazo ngosuku lwesithathu. Imizi yazo kwakuyiGibheyoni, iKhefira, iBhiyerothi neKiriyathi Jeharimi.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

17 Abantwana bakwa-Israyeli basuka, bafika emizini yabo ngosuku lwesithathu. Imizi yabo yayiyiGibeyoni, neKefira, neBheroti, neKiriyati Jeharimi.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UJoshuwa 9:17
24 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Indodana kaSawule yayinamadoda amabili ayeyizinduna zamaviyo; igama lenye lalinguBahana negama lenye lalinguRekabi, amadodana kaRimoni waseBeyeroti wabantwana bakwaBenjamini, ngokuba iBeyeroti libalelwa kuBenjamini.


no-Ishmaya waseGibeyoni, iqhawe phakathi kwabangamashumi amathathu, ebaphethe abangamashumi amathathu, noJeremiya, noJahaziyeli, noJohanani, noJozabadi waseGedera,


Laba babe ngamadodana kaKalebi: amadodana kaHure izibulo lika-Efratha: nguShobali uyise kaKiriyati Jeharimi,


NoShobali uyise kaKiriyati Jeharimi wayenamadodana: nguHarowe nenxenye kaMenuhoti.


Imindeni kaKiriyati Jeharimi yayingamaJetheri, namaPhuthi, namaShumati, namaMishirayiti; kubona kwavela amaSorati nama-Eshitawoli.


Ngokuba itabernakele* likaJehova alenza uMose ehlane ne-altare lomnikelo wokushiswa kwakusendaweni ephakemeyo eGibeyoni ngaleso sikhathi.


abantwana baseKiriyati Arimi, naseKhefira, naseBeyeroti: ngamakhulu ayisikhombisa namashumi amane nantathu;


amadoda aseKiriyati Jeharimi, naseKhefira, naseBeyeroti: ngamakhulu ayisikhombisa namashumi amane nantathu;


Kwakukhona nomunye umuntu owaprofetha egameni likaJehova, u-Uriya indodana kaShemaya waseKiriyathi Jeharimi; waprofetha ngalo muzi nangaleli zwe njengawo onke amazwi kaJeremiya.


besaba kakhulu, ngokuba iGibeyoni lalingumuzi omkhulu njengomunye wemizi yamakhosi nangokuba lalilikhulu kune-Ayi, onke amadoda alo engamaqhawe.


IKiriyati Bali eliyiKiriyati Jeharimi, neRaba, imizi mibili nemizana yayo.


umkhawulo wawususuka esiqongweni sentaba, waya emthonjeni wamanzi aseNefitowa, waphuma waya emizini yasentabeni yase-Efroni; umkhawulo wasuka waya eBahala eliyiKiriyati Jeharimi;


Umkhawulo wasuka, wajika ngasohlangothini lwasentshonalanga ngaseningizimu, kusukela entabeni ephambi kweBeti Horoni ngaseningizimu; ukuphuma kwawo kwakungaseKiriyati Bali eliyiKiriyati Jeharimi, umuzi wabantwana bakwaJuda; lokho kwakuluhlangothi lwasentshonalanga.


Uhlangothi lwaseningizimu lwasuka ekupheleni kweKiriyati Jeharimi, umkhawulo waphuma waya ngasentshonalanga emthonjeni wamanzi aseNefitowa;


Kwathi emva kwezinsuku ezintathu sebesenzile isivumelwano nabo, bezwa ukuthi bangabakhelwane babo nokuthi bahlala phakathi kwabo.


Abantwana bakwa-Israyeli ababachithanga, ngokuba izikhulu zenhlangano zazifungile kubo uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli. Yonke inhlangano yakhonona ngezikhulu.


Kepha bathi ukuba abakhileyo eGibeyoni bezwa lokho uJoshuwa ayekwenzile kulo iJeriko ne-Ayi,


Bathi kuye: “Izinceku zakho zivela ezweni elikude kakhulu ngenxa yegama likaJehova uNkulunkulu wakho, ngokuba siluzwile udumo lwakhe, nakho konke akwenzayo eGibithe,


Benyuka, bamisa eKiriyati Jeharimi kwaJuda; ngalokho bayibiza leyo ndawo ngokuthi iMahane Dani kuze kube namuhla; bheka, lingasemva kweKiriyati Jeharimi.


Bathuma izithunywa kwabakhileyo eKiriyati Jeharimi, bathi: “AmaFilisti awubuyisele umphongolo kaJehova; yehlani, niwukhuphulele kini.”


Abantu baseKiriyati Jeharimi bafika, bakhuphula umphongolo kaJehova, bawungenisa endlini ka-Abinadaba entabeni, bamngcwelisa u-Eleyazare indodana yakhe ukuba agcine umphongolo kaJehova.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ