Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UJoshuwa 9:13 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

13 lezi zimvaba zewayini esazigcwalisa zazizintsha; bhekani, seziklebhukile; lezi zingubo zethu nezicathulo zethu sezigugile ngenxa yendlela ende kakhulu.”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

13 Niyabona-ke, nezimvaba zethu zewayini zazizintsha lapho sizigcwalisa, kodwa sezidabukile; izingubo nezimbadada zethu sekuvuthukela emizimbeni yethu ngenxa yobude bendlela.”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

13 Futhi lezi zikhwama zewayini esazigcwalisa zazizintsha; futhi bheka, zaziklebhukile, futhi lezi zingubo zethu nezicathulo zethu zaguga ngenxa yohambo olude kakhulu.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UJoshuwa 9:13
8 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Akuthelwa futhi iwayini elisha ezimvabeni ezindala, funa izimvaba ziqhume, newayini lichitheke, nezimvaba zonakale. Kodwa iwayini elisha balithela ezimvabeni ezintsha, kulondeke kokubili.”


Futhi akakho othela iwayini elisha ezimvabeni ezindala, funa iwayini liqhumise izimvaba, lichitheke iwayini, nezimvaba zonakale; kodwa iwayini elisha lithelwa ezimvabeni ezintsha.”


Futhi akakho othela iwayini elisha ezimvabeni ezindala funa iwayini elisha liqhumise izimvaba, lichitheke lona, nezimvaba zonakale.


Nganihola iminyaka engamashumi amane ehlane; izingubo zenu aziguganga kini, nesicathulo asiguganga onyaweni lwenu.


Lesi sinkwa somphako wethu sasithatha sisashisa ezindlini zethu ngosuku esaphuma ngalo ukuba siye kini; kepha manje, bhekani, sesomile, sikhuntile;


Amadoda ayesethatha emphakweni wabo engabuzanga umlomo kaJehova.


nabo benza ubuqili, bahamba bazenzisa kwangathi bayizithunywa, babeka amasaka agugileyo ezimbongolweni zabo, nezimvaba zewayini ezigugileyo neziklebhukileyo, ebesezithungiwe,


nezicathulo ezigugileyo eziciciyelweyo zisezinyaweni zabo, bembethe nezingubo ezigugileyo; isinkwa sonke somphako wabo sasomile, sikhuntile.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ