Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UJoshuwa 9:10 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

10 nakho konke akwenza kuwo amakhosi omabili ama-Amori ayengaphesheya kweJordani, uSihoni inkosi yaseHeshiboni no-Ogi inkosi yaseBashani, eyayise-Ashitaroti.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

10 nasemakhosini amabili ama-Amori ayengaphesheya kweJordani, uSihoni inkosi yaseHeshibhoni no-Ogi inkosi yaseBhashani, owayehlala e-Ashitharothi.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

10 nakho konke akwenza emakhosini amabili ama-Amori ayengaphesheya kweJordani, kuSihoni, inkosi yaseHeshiboni, naku-Ogi inkosi yaseBashani owayese-Ashitaroti.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UJoshuwa 9:10
13 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Ngomnyaka weshumi nane kweza uKedorlawomere kanye namakhosi anaye, banqoba amaRefa e-Ashiteroti Karinayimi, namaZuzi eHamu, nama-Emi eShave Kiriyatayimi,


Amadodana kaGereshomu anikwa emndenini wenxenye yesizwe sakwaManase iGolanu, eBashani, namadlelo alo ne-Ashitaroti namadlelo alo;


UMose wathuma izithunywa enkosini yakwa-Edomi, zisuka eKadeshi, wathi: “Usho kanje umfowenu u-Israyeli: ‘Uyazazi zonke izinkathazo ezisehlele


esenqobile uSihoni inkosi yama-Amori, owahlala eHeshiboni, no-Ogi inkosi yaseBashani, owahlala e-Ashitaroti ngase-Edireyi.


Kepha uSihoni inkosi yaseHeshiboni akasivumelanga ukuba sidlule kuye, ngokuba uJehova uNkulunkulu wakho wenza lukhuni umoya wakhe, wenza ukuba ibe nenkani inhliziyo yakhe, ukuze amnikele esandleni sakho njenganamuhla.


futhi izwe lika-Ogi inkosi yaseBashani, owensali yamaRefa, owahlala e-Ashitaroti nase-Edireyi,


nenxenye yakwaGileyadi, ne-Ashitaroti, ne-Edireyi, imizi yombuso ka-Ogi eBashani; lokho kwaba ngokwabantwana bakwaMakiri indodana kaManase, inxenye yabantwana bakwaMakiri ngemindeni yabo.


Ngokuba sizwile ukuthi uJehova womisa amanzi oLwandle Olubomvu phambi kwenu ekuphumeni kwenu eGibithe nokuthi wenzani kuwo amakhosi amabili ama-Amori ayengaphesheya kweJordani, oSihoni no-Ogi, enawaqothulayo.


wathi kumadoda: “Ngiyazi ukuthi uJehova uninikile izwe, nokuthi sehlelwe ngukunesaba, nokuthi bonke abakhileyo ezweni baphela amandla phambi kwenu.


Amalunga ethu nabo bonke abakhileyo ezweni lakithi bakhuluma kithi, bathi: ‘Phathani ezandleni zenu umphako wendlela, niye nibahlangabeze, nithi kubo: “Siyizinceku zenu; manenze isivumelwano nathi.” ’


Bathi kuye: “Izinceku zakho zivela ezweni elikude kakhulu ngenxa yegama likaJehova uNkulunkulu wakho, ngokuba siluzwile udumo lwakhe, nakho konke akwenzayo eGibithe,


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ