Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UJoshuwa 8:29 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

29 Inkosi yase-Ayi wayiphanyeka emthini kwaze kwahlwa; ukushona kwelanga uJoshuwa wabayala ukuba behlise isidumbu sayo emthini, basintshinga ngasesikhaleni sesango lomuzi, wamisa phezu kwaso inqwaba enkulu yamatshe ekhona nanamuhla.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

29 Inkosi yase-Ayi wayilengisa emthini kwaze kwaba kusihlwa. Ngokushona kwelanga uJoshuwa wayala ukuba basehlise isidumbu sayo emthini, basitshinge esangweni lomuzi, base bebeka inqwaba enkulu yamatshe phezu kwaso, esekhona nanamuhla.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

29 Inkosi yase-Ayi wayiphanyeka emthini kwaze kwahlwa; kwathi lapho nje ilanga selishonile, uJoshuwa wayala ukuba behlise isidumbu sakhe esihlahleni basijikijele ngasemnyango wesango lomuzi bamise phezu kwaso inqwaba enkulu yamatshe esekhona kuze kube yilolu suku.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UJoshuwa 8:29
14 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Bamthatha u-Abisalomu, bamlahla emgodini omkhulu ehlathini, babeka phezu kwakhe inqwaba enkulu kakhulu yamatshe; bonke abakwa-Israyeli, kwaba yilowo nalowo, babalekela ematendeni abo.


Base bemphanyeka-ke uHamani emthini ayewulungisele uMoridekayi. Yayisibohla intukuthelo yenkosi.


Wathela ukudelelwa phezu kwezikhulu, wabazulazulisa ehlane elingenandlela.


INkosi ingakwesokunene sakho; iyakuchoboza amakhosi ngosuku lwentukuthelo yayo.


Khona abaJuda, ngokuba kwakungolokulungisela, ukuze izidumbu zingahlali esiphambanweni ngesabatha, ngokuba lolo suku lwesabatha lwalulukhulu, banxusa uPilatu ukuba yaphulwe imilenze yabo, basuswe.


Kepha ingelosi yeNkosi yamshaya khona lapho, ngokuba enganikanga uNkulunkulu udumo; wadliwa yizimpethu, wafa.


uJehova walinikela nalo nenkosi yalo esandleni sakwa-Israyeli, walichitha ngosiko lwenkemba nabo bonke abakulo, akashiyanga noyedwa owasala phakathi kwalo; wenza-ke kuyo inkosi yalo njengalokho ebenzile kuyo inkosi yaseJeriko.


Khona kwakhuphuka uHoramu inkosi yaseGezeri ukuba asize iLakishi; kepha uJoshuwa wambulala nabantu bakhe, akaze amshiyela noyedwa owasalayo.


inkosi yaseJeriko: inye; inkosi yase-Ayi elingaseceleni kweBethele: inye;


Bamisa phezu kwakhe inqwaba yamatshe; isekhona nanamuhla; uJehova waphenduka entukuthelweni yake enkulu. Ngalokho igama laleyo ndawo laqanjwa ngokuthi isigodi sase-Akori kuze kube namuhla.


Inkosi yase-Ayi bayibamba isaphila, bayiyisa kuJoshuwa.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ