Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UJoshuwa 8:20 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

20 Lapho amadoda ase-Ayi ebheka emva kwabo, abona, bheka, umusi womuzi wenyukela ngasezulwini; ayengenamandla ukubaleka ngalapha noma ngalapha, lapho abantu ababebalekele ngasehlane sebephendukela ababaxoshayo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

20 Lapho amadoda ase-Ayi ebheka emuva akhangwa yisikhatha sentuthu sibheke esibhakabhakeni, kusha umuzi. Aphelelwa ngamandla, awaze azi ukuthi abalekele ngaphi, ngokuba abakwa-Israyeli ababebalekele ehlane babaphendukela abase-Ayi ababebaxosha.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

20 Amadoda ase-Ayi aqalaza, abona, bheka, umusi womuzi wenyukela ezulwini, awabanga namandla okubaleka ngapha nangapha; abantu ababebalekele ehlane babaphendukela ababebaxosha.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UJoshuwa 8:20
14 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Wabheka ngaseSodoma naseGomora nasezweni lonke lethafa, wabona, bheka, isisi sezwe senyuka njengomusi weziko.


Kepha amehlo ababi ayakufiphala; abayikuba nandawo yokuphephela; ithemba labo liyakuba ngukuphuma komphefumulo.”


Bachithekile abaqinile ngenhliziyo, balele ubuthongo babo; amaqhawe awafumanisanga izandla zawo.


Aliyikucinywa ubusuku nemini; umusi walo uyakukhuphuka kuze kube phakade; izizukulwane ngezizukulwane liyakuba yize, akuyikulidabula muntu nanini nanini.


Abaqamekeleyo bashesha basuka endaweni yabo, bagijima lapho eselula isandla sakhe, bangena emzini, bawuthatha; bawuthungela ngomlilo masinyane.


Ngokuba nxa uJoshuwa nabo bonke abakwa-Israyeli bebona ukuthi abaqamekeleyo bawuthathile umuzi nokuthi umusi womuzi wenyuka, base bebuyela emuva, bawabulala amadoda ase-Ayi.


“Amakhosi omhlaba ayefeba nalo ehlala ngokutamasa ayakukhala ambongoze ngalo, nxa ebona umusi wokusha kwalo,


Bathi ngokwesibili: “Haleluya! Nomusi waso wenyuka kuze kube phakade naphakade.”


Isiboniso esinqunyiweyo phakathi kwabantu bakwa-Israyeli nabaqamekeli sasiyilesi sokuba bathunqise umusi omkhulu wenyuke emzini.


Kepha lapho sekuqale ukuthunqa insika yomusi emzini, abakwaBenjamini babheka emuva, nanko umuzi wonke uthunqela ngasezulwini.


Base bephenduka abantu bakwa-Israyeli, nabantu bakwaBenjamini bashaywa luvalo, ngokuba babona ukuthi behlelwe ngububi.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ