Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UJoshuwa 7:21 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

21 Ngabona empangweni ingubo enhle yaseShineyari, namashekeli* angamakhulu amabili esiliva, nesigaxa segolide esinesisindo esingamashekeli angamashumi ayisihlanu, ngakufisa, ngakuthatha; bheka, kuthukusiwe emhlabathini phakathi kwetende lami, nesiliva liphansi kwakho.”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

21 lapho ngibona phakathi kwempango ingubo enhle eShinari, isiliva elingama-200 amashekeli, nesigaxa segolide esisisindo salo singamashekeli angama-50, ngakunxanela, ngase ngiyakuthatha. Manje ngikumbele ngakufihla phakathi ethendeni lami, isiliva lona liphansi kwakho konke.”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

21 Lapho ngabona empangweni ingubo enhle yaseBhabhiloni namashekeli angamakhulu amabili esiliva nesiphetho segolide esinesisindo esingamashekeli angamashumi amahlanu, ngakufisa, ngathatha; bheka, kuthukusiwe emhlabathini phakathi kwetende lami, nesiliva liphansi kwakho.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UJoshuwa 7:21
35 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Ukubusa kwakhe kwaqala eBabele, nase-Ereke, nase-Akade, naseKaline, ezweni laseShineyari.


Owesifazane ebona ukuthi umuthi ulungele ukudliwa, nokuthi uyabukeka emehlweni, nokuthi umuthi unxanelekile ekuhlakaniphiseni, wathatha izithelo zawo, wadla, wanika nendoda yakhe kanye naye, nayo yadla.


Amadodana kaJakobe ayesefica ababuleweyo, aphanga umuzi, ngokuba babengcolisile udadewabo.


amadodana kaNkulunkulu abona amadodakazi abantu ukuthi mahle, azithathela abafazi kuwo awathandayo.


Kwathi kusihlwa uDavide wavuka embhedeni, wahamba ophahleni lwendlu yenkosi, wabona esesophahleni owesifazane egeza; owesifazane wayemuhle kakhulu, ebukeka.


Labo abanochoko sebefike emaphethelweni ekamu,* bangena kwelinye itende, badla, baphuza, basusa khona isiliva, negolide, nezingubo, baya bakuthukusa; babuya, bangena kwelinye itende, basusa nakhona, baya bakuthukusa.


“Ngenza isivumelwano namehlo ami: ngingabuka kanjani intombi na?


Phendula amehlo ami, angaboni okuyize, ungiphilise endleleni yakho.


“Ungafisi indlu yomakhelwane wakho; ungafisi umfazi womakhelwane wakho, nenceku yakhe, nencekukazi yakhe, nenkabi yakhe, nembongolo yakhe, nokunye okomakhelwane wakho.”


Zinjalo izindlela zabo bonke abaphanga impango; iyasusa ukuphila komniniyo.


Ungalibuki iwayini ukuthi libomvu, nokuthi liyacwebezela endebeni, ukuba lehle kalula.


Umuntu oneso elibi ushesha ukuba athole imfuyo; akazi ukuthi ukuswela kuyakumehlela.


Phezu kwakho konke okugcinayo, gcina inhliziyo yakho, ngokuba kuyilapho kuvela khona ukuphila.


Ngokuba nithe: “Senzile isivumelwano nokufa, sivumelene nendawo yabafileyo; lapho isiswebhu esikhukhulayo sidlula, asiyikusehlela thina, ngokuba senzile amanga abe yisiphephelo sethu, sicashile phansi kwenkohliso.”


Wo kubona abajula ukuba basithezele uJehova isu labo, abamisebenzi yabo isebumnyameni, nabasho ukuthi: “Ngubani osibonayo, ngubani osaziyo, na?”


“Wo kozuzela indlu yakhe inzuzo embi ukuba abeke isidleke sakhe phezulu ukuyophulwa esandleni sobubi!


Wayesethi kubo: “Bhekani, nixwaye ukuhaha konke, ngokuba ukuphila komuntu akumi ngobuningi bempahla yakhe.”


Akukho okusitshekelweyo okungayikwambulwa, nokufihliweyo okungayikwaziwa.


Kepha ubufebe, nakho konke ukungcola, noma isangabe, makungaphathwa nangegama phakathi kwenu, njengokuba kufanele abangcwele,


Ngokuba yazini lokhu, nikuqonde ukuthi akukho sifebe, noma ongcolileyo, noma onesangabe ongokhonza izithombe, onefa embusweni kaKristu noNkulunkulu.


Izithombe ezibaziweyo zawonkulunkulu bazo niyakuzishisa ngomlilo; awuyikufisa isiliva noma igolide elikuzo, ungazithatheli lona, funa ucushwe ngalo, ngokuba kuyisinengiso kuJehova uNkulunkulu wakho;


Ngakho-ke bulalani amalungu enu asemhlabeni, ubufebe, nokungcola, nokuhuheka, nokukhanuka, nesangabe, okungukukhonza izithombe,


Ukwenza kwenu makungabi ngokokufisa imali; yaneliswani ngeninakho; ngokuba yena ushilo wathi: “Angisoze ngakuyeka, angisoze ngakushiya,”


uma inkanuko isithathile, ibeletha isono; nesono sesiphelelisiwe, sizala ukufa.


U-Akani wamphendula uJoshuwa, wathi: “Kuyiqiniso, ngonile kuJehova uNkulunkulu ka-Israyeli, ngenza ukuthi nokuthi.


UJoshuwa wayesethuma izithunywa, zagijimela etendeni; bheka kwakuthukusiwe etendeni lakhe, isiliva liphansi.


beshiya indlela eqondileyo beduka, belandela indlela kaBalami kaBeyori owathanda umvuzo wokungalungi,


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ