Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UJoshuwa 6:4 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

4 Abapristi abayisikhombisa bayakuthwala amacilongo ayisikhombisa ejubili* phambi komphongolo; ngosuku lwesikhombisa niyakuwuzungeza umuzi kasikhombisa, abapristi babethe amacilongo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

4 nabaphristi abayisikhombisa bephethe amacilongo ayisikhombisa ezimpondo zezinqama, behamba phambi komphongolo wesivumelwano. Ngosuku lwesikhombisa uyakuwuzungeza umuzi kuze kube kasikhombisa, abaphristi bebetha amacilongo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

4 Abapristi abayisikhombisa bayakuthwala izimpondo zezinqama eziyisikhombisa phambi komphongolo; ngosuku lwesikhombisa niyakuwuzungeza umuzi kasikhombisa, abapristi bashaye amacilongo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UJoshuwa 6:4
33 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

UNkulunkulu wabusisa usuku lwesikhombisa, walungcwelisa, ngokuba ngalolo suku waphumula emisebenzini yonke abeyidalile uNkulunkulu, wayenza.


Wathi encekwini yakhe: “Khuphuka, ubheke ngaselwandle.” Yakhuphuka, yabheka, yathi: “Akukho lutho.” Wayesethi: “Phinda kasikhombisa.”


U-Elisha wathuma isithunywa kuye ngokuthi: “Hamba ugeze kasikhombisa eJordani; kuyakuthi inyama ibuyele kuwe, uhlambuluke.”


Wayesehla, wazicwilisa kasikhombisa eJordani njengezwi lomuntu kaNkulunkulu; inyama yakhe yabuya yaba njengenyama yomntwana omncane, wahlambuluka.


Futhi bhekani, uNkulunkulu unathi, uyinhloko yethu, kanye nabapristi abaphethe amacilongo okuhlaba umkhosi ukuba bawakhalise ngani; bantwana bakwa-Israyeli, ningalwi noJehova uNkulunkulu wawoyihlo, ngokuba aniyikuphumelela.”


Akusikho okwenu ukulwa kule mpi; zihleleni, nime, nibone ukunisindisa kukaJehova, nina Juda neJerusalema; ningesabi, ningapheli amandla; phumelani kubo kusasa, ngokuba uJehova unani.’ ”


AmaLevi abantwana bamaKohati nawabantwana bamaKorahi asukuma ukumdumisa uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli ngezwi elikhulu kakhulu.


Eselulekene nabantu wamisa abayakuhlabelela kuJehova ukuba bamdumise behlotshisiwe ngobungcwele, besaphuma ngaphambi kwempi, bathi: “Bongani uJehova, ngokuba umusa wakhe umi phakade.”


Ngalokho zithatheleni izinkunzi eziyisikhombisa nezinqama eziyisikhombisa, niye encekwini yami uJobe, nizinikelele ngazo zibe ngumnikelo wokushiswa; uJobe inceku yami uyakunikhulekela, ngokuba uma ngivuma ubuso bakhe, angiyikwenza kini njengobuwula benu, lokhu ningakhulumanga okulungileyo ngami njengenceku yami uJobe.”


Kuyakuthi ngalolo suku libethwe icilongo elikhulu, kufike ababelahlekile ezweni lase-Asiriya nabaxoshiweyo ezweni laseGibithe, bakhuleke kuJehova entabeni engcwele eJerusalema.


umpristi agcobhoze umunwe wakhe wokunene emafutheni asesandleni sakhe sokhohlo, afafaze ngamafutha phambi kukaJehova kasikhombisa ngomunwe wakhe.


umpristi agcobhoze umunwe wakhe egazini, afafaze ngegazi kasikhombisa phambi kukaJehova, ngaphambi kwesihenqo sendlu engcwele.


Yathi kimi: “Ubonani na?” Ngathi: “Ngibona, bheka, uthi lwezibani luyigolide lonke, lunembizana yalo phezu kwalo, nezibani zalo eziyisikhombisa zikulo; kukhona imibhobho eyisikhombisa kuleso naleso sibani esiphezu kwalo,


Yayisithatha isho kimi, ithi: “Lokhu kuyizwi likaJehova kaZerubabele lokuthi: ‘Kungabi ngempi, kungabi ngamandla, kepha kube ngomoya wami kuphela,’ usho uJehova Sebawoti.


UBileyamu wathi kuBalaki: “Ngakhele lapha ama-altare ayisikhombisa, ungilungisele lapha izinkunzi eziyisikhombisa nezinqama eziyisikhombisa.”


Abapristi abayisikhombisa, bethwele amacilongo ayisikhombisa ejubili* phambi komphongolo kaJehova, bahamba njalo bewabetha amacilongo; abahlomileyo bahamba phambi kwabo, nesigaba sasemuva sawulandela umphongolo kaJehova, bebetha amacilongo besahamba.


Niyakuhaqa umuzi, onke amadoda empi, niwuzungeze umuzi kanye. Uyakwenze njalo izinsuku eziyisithupha.


Kuyakuthi lapho bekhalisa kade uphondo lwejubili* nalapho nilizwa izwi lecilongo, bonke abantu bakhamuluke ngokukhamuluka okukhulu, ugange lomuzi luwele phansi endaweni yalo, abantu bakhuphuke, yilowo nalowo aqonde phambili nje.”


Imfihlakalo yezinkanyezi eziyisikhombisa ozibonileyo esandleni sami sokunene, nezinti zezibani eziyisikhombisa zegolide yile: izinkanyezi eziyisikhombisa ziyizingelosi zamabandla ayisikhombisa, nezinti zezibani eziyisikhombisa zingamabandla ayisikhombisa.


UJohane kuwo amabandla ayisikhombisa ase-Asiya: Makube kini umusa nokuthula okuvela kuye okhona nowayekhona nozayo, nakoMoya abayisikhombisa abaphambi kwesihlalo sakhe sobukhosi,


yamemeza ngezwi elikhulu njengokubhonga kwengonyama, nalapho isimemezile, imidumo eyisikhombisa yezwakalisa amazwi ayo.


Ngase ngibona esinye isibonakaliso ezulwini esikhulu nesimangalisayo: izingelosi eziyisikhombisa zinezinhlupho eziyisikhombisa zokugcina, ngokuba kwapheleliswa ngazo ulaka lukaNkulunkulu.


Esinye sezidalwa ezine sanika izingelosi eziyisikhombisa izitsha zegolide, zigcwele ulaka lukaNkulunkulu ophilayo kuze kube phakade naphakade.


Ngase ngizwa izwi elikhulu livela ethempelini, lithi kuzo izingelosi eziyisikhombisa: “Hambani nithululele emhlabeni izitsha eziyisikhombisa zolaka lukaNkulunkulu.”


Ngase ngibona esandleni sokunene sakhe owayehlezi esihlalweni sobukhosi incwadi ilotshiwe ngaphakathi nangaphandle, inamathelisiwe ngezimpawu eziyisikhombisa.


Ngase ngibona ngaphakathi kwesihlalo sobukhosi nezidalwa ezine nangaphakathi kwamalunga kumi iWundlu kungathi lihlatshiwe, linezimpondo eziyisikhombisa namehlo ayisikhombisa angoMoya abayisikhombisa bakaNkulunkulu abathunyelwe emhlabeni wonke.


Ngase ngibona izingelosi eziyisikhombisa zimi phambi kukaNkulunkulu, zanikwa amacilongo ayisikhombisa.


Izingelosi eziyisikhombisa ezazinamacilongo ayisikhombisa zazilungiselela ukubetha.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ