Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UJoshuwa 6:22 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

22 UJoshuwa wathi kulawo madoda amabili ayelihlolile izwe: “Ngenani endlini yesifebe, nikhiphe kuyo owesifazane nabo bonke anabo, njengalokho namfungela.”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

22 UJoshuwa wathi kulawo madoda amabili ayekade ehlole izwe: “Ngenani endlini yesifebe, nimkhiphe owesifazane kuyo nabo bonke abakwabo, njengalokhu nafunga kuye.”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

22 Kodwa uJoshuwa wathi emadodeni amabili ayehlola ilizwe: Ngenani endlini yesifebe likhuphe lapho owesifazana lakho konke alakho, njengokufunga kwenu kuye.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UJoshuwa 6:22
13 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Inkosi yayisibiza abaseGibeyoni, yakhuluma kubo, abaseGibeyoni babengesibo abantwana bakwa-Israyeli, beyinsali yama-Amori; abantwana bakwa-Israyeli babefungile kubo; uSawule wafuna ukubabulala ngokushisekela kwakhe abantwana bakwa-Israyeli nabakwaJuda;


Kepha inkosi yamyeka uMefibosheti indodana kaJonathani kaSawule ngenxa yesifungo sikaJehova esasiphakathi kwabo, phakathi kukaDavide noJonathani indodana kaSawule.


obuka onengekayo ngokuzakumenyanya, kepha ebazisa abamesabayo uNkulunkulu; ofunga ngokuzakumlimaza, nokho angalaphuli izwi lakhe;


Yayisithatha owenzalo yobukhosi, yenza isivumelwano naye, yamngenisa phansi kwesifungo, yasusa abakhulu bezwe,


“ ‘Kuphila kwami, isho iNkosi uJehova, impela endaweni yenkosi eyambeka inkosi, esifungo sayo wasidelela, nesivumelwano sayo wasaphula, uyakufa naye phakathi kweBabele.


Ngokukholwa, uRahabi isifebe, akabhubhanga kanye nabangalalelanga, esezamukele izinhloli ngokuthula.


Umuzi uyakwahlukaniselwa uJehova, wona nakho konke okukuwo; uRahabi isifebe kuphela uyakusinda, yena nabo bonke abakuye endlini, ngokuba wazithukusa izithunywa esazithumayo.


Izinsizwa ezaziyizinhloli zangena, zamkhipha uRahabi, noyise, nonina, nabafowabo, nabo bonke anabo, zakhipha bonke abomuzi wakhe, zababeka ngaphandle kwekamu* lakwa-Israyeli.


UJoshuwa wabethembisa ukuthula, wenza isivumelwano nabo ukuba baphile; izikhulu zenhlangano zafunga kubo.


Wazikhombisa intuba yokungena emzini, zawuchitha umuzi ngosiko lwenkemba; kepha zamvumela lowo muntu nomndeni wakhe ukuba bahambe.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ