Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UJoshuwa 6:1 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

1 IJeriko lalivalile amasango alo ngenxa yabantwana bakwa-Israyeli; kwakungaphumi muntu, kungangeni muntu.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

1 Amasango eJerikho ayevaliwe ngaphakathi nangaphandle ngenxa yabantu bakwa-Israyeli; kwakungaphumi futhi kungangeni muntu.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

1 IJeriko lalivaliwe ngenxa yabantwana bakwa-Israyeli; akuphumi muntu kungangeni muntu.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UJoshuwa 6:1
12 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Lapho sebemtshela uDavide lokho, wathumela ukuzihlangabeza, ngokuba ayenamahloni kakhulu lawo madoda. Yathi inkosi: “Hlalani eJeriko, zize zihlume izilevu zenu, bese nibuya.”


Inkosi yase-Asiriya yafumana ugobe kuHosheya, ngokuba wayethume izithunywa kuSo inkosi yaseGibithe, engasenyusi ntela enkosini yase-Asiriya njengokwenza kwakhe imihla ngemihla; ngalokho inkosi yase-Asiriya yamvalela, yambopha etilongweni.


U-Eliya wathi kuye: “Elisha, ake uhlale lapha, ngokuba uJehova ungithumile eJeriko.” Kepha wathi: “Kuphila kukaJehova nokuphila kwakho, angiyikukushiya.” Bafika-ke eJeriko.


Uma uJehova engayakhi indlu, basebenzela ize abayakhayo; uma uJehova engalondolozi umuzi, umlindi wawo ulindela ize.


wehla eJanowa, waya e-Atharoti naseNahara, wafika eJeriko, waphumela eJordani.


Imizi yesizwe sabantwana bakwaBenjamini ngemindeni yabo yayiyiJeriko, neBeti Hogila, ne-Emeki Kesisi,


UJoshuwa indodana kaNuni wathuma ngasese eseShithimi amadoda amabili abe yizinhloli, wathi: “Hambani nibone izwe neJeriko.” Basuka, bafika endlini yesifebe esigama laso linguRahabi, balala khona.


Athi kuJoshuwa: “UJehova unikile ezandleni zethu izwe lonke; bonke abakhileyo ezweni baphela amandla phambi kwethu.”


Abantu bawaxosha endleleni eya eJordani emazibukweni; sebephumile abawaxosha, bavala isango.


Isikhulu sebandla likaJehova sathi kuJoshuwa: “Khumula isicathulo sakho onyaweni lwakho, ngokuba indawo omi kuyo ingcwele.” UJoshuwa wenze njalo-ke.


UJehova wathi kuJoshuwa: “Bheka, nginikele esandleni sakho iJeriko, nenkosi yalo, namaqhawe anamandla.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ