Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UJoshuwa 5:6 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

6 Ngokuba abantwana bakwa-Israyeli bahamba iminyaka engamashumi amane ehlane, saze saphela isizwe sonke, yiwo amadoda empi aphuma eGibithe, lokhu engalalelanga izwi likaJehova, afunga kuwo uJehova ukuthi akayikuwabonisa izwe uJehova alifungela oyise ethi uyakusinika lona, izwe elivame ubisi nezinyosi.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

6 Ngokuba abantu bakwa-Israyeli bahamba iminyaka engama-40 ehlane, saze saphela isizwe namadoda empi ababephume eGibhithe, abangalalelanga izwi likaSimakade, afunga ngalo kubo ukuthi abasoze balibone izwe ayethembise ukulinika oyisemkhulu, izwe elichichima ubisi noju.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

6 Ngokuba abantwana bakwa-Israyeli bahamba iminyaka engamashumi amane ehlane, aze abhubha onke amaqhawe aphuma eGibithe, ngokuba bengalilalelanga izwi likaJehova; uJehova afunga kubo ukuthi akayikuba nalutho. Sibabonise izwe uJehova alifungela okhokho babo ukusinika lona, izwe elichichima ubisi nezinyosi.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UJoshuwa 5:6
20 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Bazulazula ehlane ngendlela yakwahlongasibi, abafumananga umuzi wokuhlala.


Ngishilo ngathi: Ngiyakunikhuphula ekuhluphekeni kwaseGibithe, nginiyise ezweni lamaKhanani, nelamaHeti, nelama-Amori, nelamaPherizi, nelamaHivi, nelamaJebusi, izwe elichichima ubisi nezinyosi.’


ngehle ukuba ngibophule esandleni sabaseGibithe, ngibakhuphule kulelo zwe, ngibayise ezweni elihle elibanzi, izwe elichichima ubisi nezinyosi, indawo yamaKhanani, neyamaHeti, neyama-Amori, neyamaPherizi, neyamaHivi, neyamaJebusi.


“ ‘Ngikukhumbulela umusa wobusha bakho, nothando lwakho, usengumakoti, nokungilandela kwakho ehlane, izwe elingatshalwanga.


Yebo, ngabaphakamisela isandla sami ehlane ukuba ngingabangenisi ezweni engangibanike lona, lichichima ubisi nezinyosi, elihle kunawo onke amazwe,


Ngalolo suku ngabaphakamisela isandla sami ukuba ngibakhiphe ezweni laseGibithe, ngibayise ezweni engangibafunele lona, lichichima ubisi nezinyosi, elihle kunawo onke amazwe.


“Kuyakuthi ngalolo suku izintaba ziconse iwayini elimnandi, amagquma agobhoze ubisi, yonke imifula yakwaJuda igobhoze amanzi; kuyakuvela umthombo endlini kaJehova oyakunisela isigodi saseShithimi.


abayikubona ngempela izwe engalifungela oyise, futhi aliyikubonwa muntu walabo abangidelela;


Yilabo ababalwa nguMose nangu-Eleyazare umpristi ababala abantwana bakwa-Israyeli emathafeni akwaMowabi ngaseJordani ngaseJeriko.


Kwathi ngomnyaka wamashumi amane ngenyanga yeshumi nanye ngolokuqala lwenyanga uMose wakhuluma kubantwana bakwa-Israyeli njengakho konke uJehova amyale ngakho ukuba akukhulume kubo,


“Izinsuku esahamba ngazo sisuka eKadeshi Barineya saze sawela umfula iZeredi zaziyiminyaka engamashumi amathathu nesishiyagalombili, kwaze kwaphela isizukulwane samadoda empi phakathi kwekamu,* njengalokho uJehova afunga kuwo.


“Ngokuba uJehova uNkulunkulu wakho ukubusisile emsebenzini wonke wesandla sakho; ukwazile ukuhamba kwakho kuleli hlane elikhulu; nakule minyaka engamashumi amane uJehova uNkulunkulu wakho waba nawe, awuswelanga lutho.


Izingubo zakho azikugugelanga, nonyawo lwakho aluvuvukalanga le minyaka engamashumi amane.


ngaze ngafunga ekuthukutheleni kwami, ngathi: ‘Abayikungena ekuphumuleni kwami.’ ”


“Qina, ume isibindi, ngokuba uyakwenza ukuba laba bantu badle izwe engalifungela oyise ukubanika lona.


Lapho bekhala kuJehova, wabeka ubumnyama phakathi kwenu nabaseGibithe, waluhambisa ulwandle phezu kwabo, wabasibekela; amehlo enu abona engakwenzayo eGibithe; nahlala ehlane izinsuku eziningi.


Ngokuba bonke abantu abaphuma babesokiwe, kepha bonke abantu abazalwa ehlane ngasendleleni ekuphumeni kwabo eGibithe babengabasokanga.


Abantwana bawo abavusa esikhundleni sawo bona uJoshuwa wabasoka, ngokuba babengabangasokile, lokhu bengabasokanga endleleni.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ