Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UJoshuwa 5:14 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

14 Yathi: “Qha, ngifikile njengesikhulu sebandla likaJehova.” UJoshuwa wayesewa ngobuso emhlabathini, wakhuleka, wathi kuyo: “Ithini inkosi yami encekwini yayo na?”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

14 Yaphendula yathi: “Angisiye omunye walokho kokubili, kodwa ngingumkhuzi wempi kaSimakade, sengifikile ngizonisiza.” UJoshuwa wakhothama wathi mbo ngobuso emhlabathini, eyihlonipha, kodwa wathi kuyo: “Nkosi, uyiyala inceku yakho ukuba yenzeni na?”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

14 Wathi: “Qha; kodwa manje ngiyinduna yebutho leNkosi. UJoshuwa wawa ngobuso bakhe emhlabathini, wakhuleka kuye, wathi kuye: “Ithini inkosi yami encekwini yayo na?

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UJoshuwa 5:14
35 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

U-Abrahama wayesewa ngobuso bakhe, wahleka, wathi enhliziyweni yakhe: “Oneminyaka eyikhulu uyakuzalelwa na? USara oneminyaka engamashumi ayisishiyagalolunye uyakuzala na?”


U-Abrama wayesewa ngobuso bakhe; uNkulunkulu wakhuluma naye, wathi:


Lokho kwakuyinto encane nje nokho emehlweni akho, Nkosi Jehova, kepha ukhulumile futhi ngendlu yenceku yakho isekude, ukukhulume futhi ngendlela yabantu, Nkosi Jehova.


“UDavide angenezela ngokuthini kuwe na? Wena uyayazi inceku yakho, Nkosi Jehova.


UJehova wathi eNkosini yami: “Hlala ngakwesokunene sami, ngize ngenze izitha zakho zibe yisenabelo sezinyawo zakho.”


Ingubani le Nkosi yenkazimulo na? UJehova Sebawoti nguyena oyiNkosi yenkazimulo. Sela*


UMose wayesethi kuJehova: “Nkosi, angizange ngibe ngumuntu oyiqaphuqaphu, nakuqala namanje lapho usukhulumile encekwini yakho, ngokuba umlomo wami unzima, unamalimi.”


Kepha wathi: “O Nkosi, ake uthume ngesandla salowo ozakumthuma.”


Bheka, ngimnike abe ngufakazi kubantu, umholi nomyali kubantu.


Futhi ngezwa izwi leNkosi lithi: “Ngiyakuthuma bani, ngubani oyakusiyela na?” Ngase ngithi: “Bheka, nangu mina; ngithume mina.”


Ngasuka, ngaphuma ngaya ethafeni; bheka, inkazimulo kaJehova yayimi khona njengenkazimulo engayibona ngasemfuleni iKhebari, ngawa ngobuso bami.


Kepha isikhulu sasembusweni wasePheresiya samelana nami izinsuku ezingamashumi amabili nanye, kepha bheka, uMikayeli, omunye wezikhulu zokuqala, weza ukungisiza, noma kade ngishiyiwe ngedwa khona namakhosi asePheresiya.


Kepha ngiyakutshela okulotshwe embhalweni weqiniso. Akakho noyedwa ozihlanganisa nami ukulwa nalaba ngaphandle kukaMikayeli, isikhulu senu.


“Ngaleso sikhathi uMikayeli uyakuvela, isikhulu esigqamileyo esimela abantwana babantu bakho; kuyakuba yisikhathi sokuhlupheka esingazange sibe khona kusukela ekuveleni kwabantu kuze kube yileso sikhathi; ngaleso sikhathi abantu bakho bayakukhululwa, bonke abafunyanwa belotshiwe encwadini.


Yebo, lwazikhulisa kwaze kwaba nasesikhulwini sebandla, lwasaphuca umnikelo oshiswa imihla yonke, nendawo yendlu yaso engcwele yaphonswa phansi.


Kwaphuma umlilo ngaphambi kukaJehova, waqeda umnikelo wokushiswa namanoni e-altare; sebekubona abantu bonke bananela, bakhothamela phansi ngobuso.


Bawa ngobuso babo, bathi: “Nkulunkulu, Nkulunkulu wemimoya yenyama yonke, kona umuntu munye, uthukuthelele inhlangano yonke, na?”


“Khuphuka kule nhlangano ukuba ngibaqede ngokuphazima kweso.” Bawa ngobuso babo.


UJehova wayesevula-ke amehlo kaBileyamu, wayibona ingelosi kaJehova imi endleleni, inenkemba yayo ehoshiweyo esandleni sayo; wagoba ikhanda, wawa ngobuso bakhe.


“ ‘INkosi yathi eNkosini yami: “Hlala ngakwesokunene sami, ngize ngibeke izitha zakho phansi kwezinyawo zakho.” ’


Bheka, kwafika onochoko, wakhuleka kuye, wathi: “Nkosi, uma uthanda, ungangihlambulula.”


Ngehlelwe kanjani yilokhu ukuba unina weNkosi yami ahambele kimi na?


lokhu uDavide uqobo uthi eNcwadini yamaHubo: “ ‘INkosi yathi eNkosini yami: “Hlala ngakwesokunene sami,


Kwathi ekomunye wemizi, bheka, nanso indoda egcwele uchoko. Kuthe embona uJesu, wawa ngobuso, wamnxusa wathi: “Nkosi, uma uthanda, ungangihlambulula.”


UTomase waphendula, wathi kuye: “Nkosi yami, Nkulunkulu wami!”


kodwa vuka ungene emzini, uzakutshelwa lokhu omelwe ukukwenza.”


Yebo impela, konke ngikushaya indiva ngobukhulu bokumazi uKristu Jesu iNkosi yami, engilahlekelwe yikho konke ngenxa yakhe, ngikushaya izibi, ukuze ngizuze uKristu,


Ngokuba kwakumfanele yena, okukhona konke ngenxa yakhe nokukhona konke ngaye, ukuba, lapho eyisa amadodana amaningi enkazimulweni, amphelelise ngezinhlupheko yena oyinkosi yokusindiswa kwabo.


Kwase kuba khona ukulwa ezulwini; uMikayeli nezingelosi zakhe balwa nodrako*. Nodrako walwa enezingelosi zakhe,


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ