Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UJoshuwa 4:18 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

18 Kwathi lapho abapristi abathwala umphongolo wesivumelwano sikaJehova sebenyuke phakathi kweJordani, amathe ezinyawo zabapristi esefike emhlabathini owomileyo, amanzi aseJordani abuyela endaweni yawo, aphuphuma lonke ugu njengakuqala.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

18 Lapho abaphristi ababethwele umphongolo wesivumelwano sikaSimakade bephuma phakathi nomfula iJordani, amathe ezinyawo zabo esethinte emhlabathini owomileyo, amanzi eJordani abuyela endaweni yawo, umfula wagola izintethe njengakuqala.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

18 Kwathi lapho abapristi abathwala umphongolo wesivumelwano sikaJehova bekhuphuka eJordani, amathe ezinyawo zabapristi esephakanyiselwe emhlabathini owomileyo, amanzi aseJordani abuyela endaweni yawo, ageleza phezu kwawo wonke. Amabhange alo, njengalokho babevame ukwenza.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UJoshuwa 4:18
8 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Yilabo ababewela iJordani ngenyanga yokuqala, ligcwele liphuphuma zonke izingu zalo; baxosha bonke abasezigodini ngasempumalanga nangasentshonalanga.


utheleke kwaJuda, ukhukhule, udlule, ufinyelele entanyeni, besewugcwalisa ngamaphiko awo eluliweyo ububanzi bezwe lakho, Imanuweli.”


Kuyakuthi lapho amathe ezinyawo zabapristi abathwala umphongolo kaJehova, iNkosi yomhlaba wonke, eyakuma emanzini aseJordani, amanzi aseJordani anqamuke, amanzi avela ngenhla, eme nqwabanye.”


nalapho abathwala umphongolo sebefikile eJordani, izinyawo zabapristi abathwala umphongolo zicwilile onqenqemeni lwamanzi aseJordani eligcwele phezu kwalo lonke ugu lwalo izinsuku zonke zokuvuna,


Kwathi lapho bonke abantu sebewelile baphelela, umphongolo kaJehova wawela kanye nabapristi emehlweni abantu.


UJoshuwa wayala-ke abapristi, wathi: “Yenyukani eJordani.”


Abantu benyuka eJordani ngolweshumi lwenyanga yokuqala, bamisa eGiligali emkhawulweni wangasempumalanga kwaseJeriko.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ