Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UJoshuwa 3:1 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

1 UJoshuwa wavuka ekuseni kakhulu, basuka eShithimi, bafika eJordani, yena nabo bonke abantwana bakwa-Israyeli, balala khona ebusuku bengakaweli.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

1 Ngovivi ngakusasa, uJoshuwa wavuka wakhukhula nabo bonke abakwa-Israyeli, esuka eShithimu, baze bayofika emfuleni iJordani. Bakanisa lapho ngaphambi kokuba bawele.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

1 UJoshuwa wavuka ekuseni kakhulu; basuka eShithimi, bafika eJordani, yena nabo bonke abantwana bakwa-Israyeli, balala khona ngaphambi kokuba bawele.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UJoshuwa 3:1
16 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

U-Abrahama wavuka ekuseni, wathatha isinkwa nemvaba yamanzi, wakunika uHagari ekubeka ehlombe lakhe kanye nomntwana, wammukisa; wahamba, wazulazula ehlane laseBeri Sheba.


U-Abrahama wavuka ekuseni, wabophela imbongolo yakhe, wathatha ezimbili ezincekwini zakhe, no-Isaka indodana yakhe; wacanda izinkuni zomnikelo obuzakushiswa, wasuka waya endaweni uNkulunkulu abemtshele yona.


Ngiyashesha, angilibali ukugcina imiyalo yakho.


“Kusukela emnyakeni weshumi nantathu kaJosiya indodana ka-Amoni, inkosi yakwaJuda, kuze kube namuhla, le minyaka engamashumi amabili nantathu izwi likaJehova lifikile kimi, ngalikhuluma, ngilisho kini njalonjalo, kepha kanilalelanga.”


niwalalele amazwi ezinceku zami abaprofethi engibathumile kini, ngibathuma njalonjalo, nina ningalalelanga,


Manje ngokuba niyenzile yonke le misebenzi, usho uJehova, ningalalelanga, noma ngakhuluma njalonjalo, nganibiza, ningaphendulanga,


Bantu bami, ake nikhumbule okwacetshwa nguBalaki inkosi yakwaMowabi, nalokho amphendula ngakho uBileyamu indodana kaBeyori, nokwakuphakathi kweShithimi neGiligali, nize nazi izenzo ezilungileyo zikaJehova.”


U-Israyeli wahlala eShithimi; abantu baqala ukuphinga namadodakazi akwaMowabi,


Ekuseni kusemnyama kakhulu, wavuka waphuma, waya endaweni eyihlane, wakhuleka khona.


UJoshuwa indodana kaNuni wathuma ngasese eseShithimi amadoda amabili abe yizinhloli, wathi: “Hambani nibone izwe neJeriko.” Basuka, bafika endlini yesifebe esigama laso linguRahabi, balala khona.


UJoshuwa wavuka ekuseni kakhulu, abapristi bathatha umphongolo kaJehova.


Kwathi ngosuku lwesikhombisa bavuka ukuntwela kokusa, bawuzungeza umuzi ngandlelanye kasikhombisa; ngalolo suku kuphela bawuzungeza umuzi kasikhombisa.


UJoshuwa wayesevuka ekuseni kakhulu, wasondeza u-Israyeli ngezizwe zakubo; isizwe sakwaJuda sathathwa.


UJoshuwa wavuka ekuseni kakhulu, wabutha abantu, wakhuphuka, yena namalunga akwa-Israyeli, phambi kwabantu, waya e-Ayi.


Abantwana bakwa-Israyeli bavuka ekuseni, bamisa malungana neGibeya.


UDavide wavuka ekuseni kakhulu, washiya izimvu kumlindi, wathatha, wahamba, njengalokho uJese amyale ngakho; wafika enqabeni yezinqola, impi isaphuma ukuyakuhlelwa, yahlaba umkhosi.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ