Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UJoshuwa 24:11 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

11 “ ‘Nase niwela iJordani, nafika eJeriko; amadoda aseJeriko alwa nani, nama-Amori, namaPherizi, namaKhanani, namaHeti, namaGirigashi, namaHivi, namaJebusi, ngawanikela esandleni senu.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

11 “ ‘Lapho niwela iJordani, nafika eJerikho; izakhamuzi zalo zalwa nani, kanjalo nama-Amori, amaPherizi, amaKhanani, amaHithi, amaGirigashi, amaHivi, namaJebusi, ngabanikela esandleni senu.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

11 Nawela iJordani, nafika eJeriko, amadoda aseJeriko alwa nani, ama-Amori, namaPherizi, namaKhanani, namaHeti, namaGirigashi, namaHivi, namaJebusi; ngiwanikele esandleni sakho.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UJoshuwa 24:11
25 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Wabapha amazwe abezizwe, badla isithelo somsebenzi wabantu


Ulwandle lwakubona, lwabaleka, iJordani labuyiselwa emuva.


Unani wena lulwandle ukuba ubaleke, nawe Jordani ukuba ubuyiselwe emuva,


Kuyakuthi nxa uJehova ekungenisile ezweni lamaKhanani, nelamaHeti, nelama-Amori, nelamaHivi, nelamaJebusi alifungela koyihlo ukukunika lona, izwe elivama ubisi nezinyosi, uyakugcina le nkonzo kule nyanga.


Ngokuba ingelosi yami izakuhamba phambi kwakho, ikuyise kuwo ama-Amori, namaHeti, namaPherizi, namaKhanani, namaHivi, namaJebusi. Ngiyakubachitha.


Ngiyakuthuma iminyovu phambi kwakho eyakuxosha amaHivi, namaKhanani, namaHeti phambi kwakho.


“Ngiyakumisa imikhawulo yakho, kusukela eLwandle Olubomvu kuze kufike elwandle lamaFilisti, kusukela ehlane kuze kube semfuleni, ngokuba ngiyakunikela esandleni sakho abakhe kulelo zwe, wena ubaxoshe phambi kwakho.


Ngishilo ngathi: Ngiyakunikhuphula ekuhluphekeni kwaseGibithe, nginiyise ezweni lamaKhanani, nelamaHeti, nelama-Amori, nelamaPherizi, nelamaHivi, nelamaJebusi, izwe elichichima ubisi nezinyosi.’


ngehle ukuba ngibophule esandleni sabaseGibithe, ngibakhuphule kulelo zwe, ngibayise ezweni elihle elibanzi, izwe elichichima ubisi nezinyosi, indawo yamaKhanani, neyamaHeti, neyama-Amori, neyamaPherizi, neyamaHivi, neyamaJebusi.


Ngiyakuthuma ingelosi phambi kwakho, ngiwaxoshe amaKhanani, nama-Amori, namaHeti, namaPherizi, namaHivi, namaJebusi,


Wachitha izizwe eziyisikhombisa ezweni laseKhanani, wababela izwe lazo libe yifa;


obaba benoJoshuwa balamukela, balingenisa ezweni lezizwe azixoshayo uNkulunkulu ebusweni bawobaba, kwaze kwaba semihleni kaDavide


“Lapho uJehova uNkulunkulu wakho eyakukungenisa ezweni oya kulo ukulidla, axoshe izizwe eziningi phambi kwakho, amaHeti, namaGirigashi, nama-Amori, namaKhanani, namaPherizi, namaHivi, namaJebusi, izizwe eziyisikhombisa ezinkulu nezinamandla kunawe,


Wathi uJoshuwa: “Niyakwazi ngalokhu ukuthi uNkulunkulu ophilayo uphakathi kwenu nokuthi uyakuxosha nokuxosha phambi kwenu amaKhanani, namaHeti, namaHivi, namaPherizi, namaGirigashi, nama-Amori, namaJebusi.


Kwathi lapho isizwe sonke sesiwele iJordani saphelela, uJehova wakhuluma kuJoshuwa, wathi:


Abantu benyuka eJordani ngolweshumi lwenyanga yokuqala, bamisa eGiligali emkhawulweni wangasempumalanga kwaseJeriko.


ngokuba uJehova uNkulunkulu wenu wawamisa amanzi aseJordani phambi kwenu, naze nawela, njengalokho uJehova uNkulunkulu wenu wenza eLwandle Olubomvu, alomisa phambi kwethu, saze sawela,


abuthana ndawonye ukuba alwe noJoshuwa no-Israyeli nganhliziyonye.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ