Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UJoshuwa 23:6 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

6 “Yimani kakhulu isibindi ukugcina nokwenza konke okulotshiwe encwadini yomthetho kaMose, ukuze ningachezuki kukho ngakwesokunene noma ngakwesokhohlo,

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

6 “Ngakho-ke qinani kakhulu ukuze nigcine futhi nenze konke okulotshwe encwadini yomthetho kaMose, ukuba ningachezukeli kwesokunene noma kwesokhohlo,

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

6 Yibani nesibindi kakhulu nigcine, nenze konke okulotshwe encwadini yomthetho kaMose, ukuze ningaphambuki kuyo niye kwesokunene noma ngakwesokhohlo;

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UJoshuwa 23:6
14 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

ugcine isiyalezo sikaJehova uNkulunkulu wakho ukuba uhambe ezindleleni zakhe, ugcine izimiso zakhe, nemiyalo yakhe, nezahlulelo zakhe, nobufakazi bakhe njengokulotshiweyo emthethweni kaMose, ukuze uphumelele kukho konke okwenzayo nakukho konke okubhekayo,


Angizukubeka phambi kwamehlo ami into embi; ukwenza kwabahlubukayo ngiyakuzonda; akuyikunamathela kimi.


Ezahlulelweni zakho angichezuki, ngokuba wena uyangifundisa.


“Bagobela umnsalo wolimi lwabo amanga, abaqinelanga iqiniso ezweni; kepha basuka kokubi, baya kokubi; mina-ke abangazi,” usho uJehova.


Lindani nigxile ekukholweni, nibe ngamadoda, nibe namandla.


“Konke enginiyala ngakho, anoqaphela ukuba nikwenze; awuyikuthasisela kukho, futhi ungakunciphisi.


inhliziyo yakhe ingaphakami ngaphezu kwabafowabo, angaphambuki emiyalweni, aye ngakwesokunene noma ngakwesokhohlo, ukuze azandise izinsuku zakhe embusweni wakhe, yena nabantwana bakhe phakathi kuka-Israyeli.


nalapho ungaphambuki nakulo elilodwa lamazwi engikuyala ngawo namuhla ngakwesokunene noma ngakwesokhohlo ukulandela abanye onkulunkulu ukuba ubakhonze.


“Niyakuqaphela ukwenza njengalokho uJehova uNkulunkulu wenu eniyalile, ningaphenduki ngakwesokunene noma ngakwesokhohlo.


Anikamelani nezono nilwa kuze kube segazini;


Kepha amagwala, nabangakholwayo, nabanengekayo, nababulali, nezifebe, nabathakathi, nabakhonza izithombe, nabo bonke abaqamba amanga, isabelo sabo siyakuba sechibini elivutha umlilo nesibabule, okungukufa kwesibili.”


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ