Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UJoshuwa 23:2 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

2 uJoshuwa wabiza wonke u-Israyeli, amalunga akhe, nezinhloko zakhe, nabahluleli bakhe, nezinduna zakhe, wathi kubo: “Sengimdala ngineminyaka eminingi;

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

2 uJoshuwa wabiza bonke abakwa-Israyeli, amalunga akhona, izinhloko, abehluleli, nezikhulu, wathi kubo: “Manje sengimdala, neminyaka yami isiminingi,

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

2 UJoshuwa wayesebiza wonke u-Israyeli namalunga akhe nezinhloko zakhe nabahluleli bakhe nezikhulu zabo, wathi kubo: “Mina ngimdala, ngicindezelwe;

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UJoshuwa 23:2
11 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Inkosi uDavide yayisindala, ineminyaka eminingi; bayembesa ngezingubo, kepha ayifudumalanga.


Khona uSolomoni wabutha amalunga akwa-Israyeli nezinhloko zezizwe, izikhulu zawoyise babantwana bakwa-Israyeli enkosini uSolomoni eJerusalema, ukuba bakhuphule umphongolo wesivumelwano sikaJehova emzini kaDavide oyiSiyoni.


Wabutha zonke izikhulu zakwa-Israyeli kanye nabapristi namaLevi.


uShimeyi waseRama wayephethe izivini; uZabidi waseShefamu wayephethe iwayini elibekelelweyo lithathwe ezivinini;


UDavide wabutha zonke izikhulu zakwa-Israyeli, izikhulu zezizwe, nezinduna zezigaba ezazikhonza inkosi, nezinduna zezinkulungwane nezamakhulu, nezinduna zayo yonke imfuyo yenkosi neyamadodana ayo, nezinduna zendlunkulu, namaqhawe, nawo onke amadoda anamandla eJerusalema.


Ngibuthele onke amalunga ezizwe zenu nezinduna zenu ukuba ngikhulume lawa mazwi ezindlebeni zazo, ngifakazise izulu nomhlaba ngazo.


UJoshuwa wayesemdala eneminyaka eminingi; uJehova wathi kuye: “Usumdala uneminyaka eminingi, kepha kusasele izwe elikhulu kakhulu eliyakudliwa.


nibonile konke uJehova uNkulunkulu wenu akwenzile kuzo zonke lezi zizwe ngenxa yenu, ngokuba uJehova uNkulunkulu wenu nguye onilweleyo.


UJoshuwa wabutha zonke izizwe zakwa-Israyeli eShekemi, wabiza amalunga akwa-Israyeli, nezinhloko zakhe, nabahluleli bakhe, nezinduna zakhe, bema phambi kukaNkulunkulu.


Manje bhekani, inkosi iyahamba phambi kwenu; mina sengimdala, ngiyimpunga; nanka amadodana ami akini; ngihambile phambi kwenu kwasebusheni bami kuze kube namuhla.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ