Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UJoshuwa 23:12 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

12 “Ngokuba uma nibuyela emuva, ninamathele ensalini yalezo zizwe, zona lezi ezisele phakathi kwenu, niganiselane nazo, ningene kuzo, nazo kini,

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

12 “Ngokuba uma nihlehlela emuva, ninamathele kuleyo nsali yalezi zizwe ephakathi kwenu, niganiselane nazo, nize niganwe ngabesifazane bazo nazo ziganwe ngabenu,

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

12 Uma kungenjalo, buyelani emuva nibambelele ensalini yalezi zizwe ezisele phakathi kwenu, nizithathe ningene nazo, nazo kanye nani;

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UJoshuwa 23:12
28 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

ungaganiselani nazo, ungayiniki indodana yakhe indodakazi yakho, ungathatheli indodana yakho indodakazi yakhe.


nababuyile ekumlandeleni uJehova, nabangamfunanga uJehova bengabuzanga ngaye.


“Kepha lapho olungileyo ephenduka ekulungeni kwakhe, enze okubi, enze zonke izinengiso azenzayo omubi, uyakuphila na? Izenzo zakhe ezilungileyo, nesisodwa asenzileyo asiyikukhunjulwa, afele ezeqweni eqe ngazo nasezonweni one ngazo.


Lowo othi usekukhanyeni, abe ezonda umzalwane wakhe, usesebumnyameni kuze kube kalokhu.


Uthando malungabi nakuzenzisa; nenyanye okubi, nibambelele kokuhle;


Emva kwalokho abaningi babafundi bakhe babuyela emuva, ababe besahamba naye.


Abesehamba-ke, abuye nabanye omoya abayisikhombisa ababi kunaye, bangene bahlale khona; kuthi ukugcina kwalowo muntu kuba kubi kunokuqala. Kuyakuba njalo nakulesi sizukulwane esibi.”


Hawu, sizwe esonayo, bantu abasindwe ngububi, nzalo yababi, bantwana abonakeleyo! Bamshiyile uJehova, bamdelele oNgcwele ka-Israyeli, babuyele emuva.


Kepha abaphambukela ezindleleni zabo eziyizinsongensonge uJehova uzakubahambisa kanye nabenza okubi. Ukuthula makube phezu kuka-Israyeli.


Amazwi omlomo wakhe angukona nenkohliso; ukuyekile ukuhlakanipha nokwenza okulungileyo.


Kwathi uSolomoni esemdala, omkakhe bayiphambukisa inhliziyo yakhe ukuba ilandele abanye onkulunkulu; inhliziyo yakhe yayingekho kuJehova uNkulunkulu wakhe ngokuphelelyo njengenhliziyo kaDavide uyise.


abezizwe uJehova ayeshilo ngabo kwabakwa-Israyeli ukuthi: “Aniyikungena kubo, nabo bangangeni kini, ngokuba impela bayakuziphambukisa izinhliziyo zenu, zize zilandele onkulunkulu babo.” Kulabo uSolomoni wanamathela ngothando.


Inhliziyo yakhe yabambelela kuDina indodakazi kaJakobe, wayithanda intombi, wakhuluma kuyo inhliziyo yentombi.


Ngalokho indoda iyakushiya uyise nonina, inamathele kumkayo; bayakuba nyamanye.


Ngokuba uyakuphambukisa indodana yakho ekungilandeleni ukuba bakhonze abanye onkulunkulu, intukuthelo kaJehova ikuvuthele, akuchithe masinyane.


Qaphelisisani ukuba nimthande uJehova uNkulunkulu wenu.


bathatha amadodakazi awo aba ngomkabo, banika amadodana awo amadodakazi abo, bakhonza onkulunkulu bawo.


ngokuba uJehova uNkulunkulu wakho ophakathi kwakho unguNkulunkulu onomhawu funa intukuthelo kaJehova uNkulunkulu wakho ikuvuthele, ikuchithe ebusweni bomhlaba.


Uyise nonina base bethi kuye: “Akakho yini owesifazane phakathi kwamadodakazi abafowenu noma phakathi kwabo bonke abantu bami, ukuze uye kuthatha umfazi kumaFilisti angasokile, na?” USamsoni wathi kuyise: “Ngithathele yena, ngokuba uyathandeka kimi.”


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ