Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UJoshuwa 23:1 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

1 Kwathi emva kwezinsuku eziningi, lapho uJehova esephumuzile u-Israyeli ezitheni zabo zonke nxazonke, uJoshuwa esemdala eneminyaka eminingi,

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

1 Sekwedlule izinsuku eziningi, uSimakade esenike u-Israyeli ukuthula ezitheni zakhe nxazonke, noJoshuwa esemdala, iminyaka isihambile,

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

1 Kwasekusithi emva kwesikhathi eside uJehova esephumuze uIsrayeli kuzo zonke izitha zabo, uJoshuwa waluphala wacindezelwa.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UJoshuwa 23:1
15 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

U-Abrahama wagqibuka wafa, esemdala egugile, esanelisiwe yizinsuku, wabuthelwa kubantu bakhe.


Inkosi uDavide yayisindala, ineminyaka eminingi; bayembesa ngezingubo, kepha ayifudumalanga.


Ngokuba uDavide wathi: “UJehova uNkulunkulu ka-Israyeli unike abantu bakhe ukuphumula; uhlezi eJerusalema kuze kube phakade;


Nampa abantwana bakwa-Israyeli ngomumo wabo, izinhloko zawoyise, nezinduna zezinkulungwane nezamakhulu, nezinduna zabo ezazikhonza inkosi kukho konke okwezigaba, ezazingena, ziphuma inyanga ngenyanga ezinyangeni zonke zomnyaka; kuleso naleso sigaba zazikhona izinkulungwane ezingamashumi amabili nane.


U-Abiya wayeselala koyise; bammbela emzini kaDavide; u-Asa indodana yakhe waba yinkosi esikhundleni sakhe: emihleni yakhe izwe lazola iminyaka eyishumi.


Wasusa kuyo imizi yakwaJuda izindawo eziphakemeyo, nama-altare empepho; umbuso wazola phambi kwakhe.


Umbuso kaJehoshafati wawusuzola, ngokuba uNkulunkulu wakhe wamnika ukuphumula nxazonke.


Uphelisa ukulwa kuze kube semikhawulweni yomhlaba; uyaphula umnsalo, anqume umkhonto, izinqola zempi azishise ngomlilo.


Njengezinkomo ezehlela esigodini uMoya kaJehova wabaphumuza. Wahola kanjalo abantu bakho ukuba uzenzele igama elimangalisayo.


wathi kubo: “Ngineminyaka eyikhulu namashumi amabili namuhla; angisenamandla okuphuma nokungena; uJehova ushilo kimi ukuthi: ‘Awuyikuliwela leli Jordani.’


Wathatha-ke uJoshuwa izwe lonke njengakho konke uJehova abekukhulumile kuMose; uJoshuwa walinika u-Israyeli libe yifa lakhe ngokwezabelo zabo nezizwe zabo. Izwe lase liphumula ekulweni.


UJoshuwa wayesemdala eneminyaka eminingi; uJehova wathi kuye: “Usumdala uneminyaka eminingi, kepha kusasele izwe elikhulu kakhulu eliyakudliwa.


UJehova wabanika ukuphumula nxazonke njengakho konke ayekufungile koyise; kwakungekho muntu kuzo zonke izitha zabo owema phambi kwabo; uJehova wanikela zonke izitha zabo esandleni sabo.


Manje uJehova uNkulunkulu wenu ubanikile abafowenu ukuphumula njengalokho ebekhuluma kubo; ngalokho buyani, niye ematendeni enu ezweni lefa lenu aninika lona uMose inceku kaJehova ngaphesheya kweJordani.


Manje bhekani, inkosi iyahamba phambi kwenu; mina sengimdala, ngiyimpunga; nanka amadodana ami akini; ngihambile phambi kwenu kwasebusheni bami kuze kube namuhla.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ