Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UJoshuwa 2:4 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

4 Owesifazane wayesethatha lawo madoda omabili, wawathukusa, wathi: “Kunjalo; amadoda afika kimi, kepha ngangingazi ukuthi avelaphi;

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

4 Kepha owesifazane wawathatha lawo madoda amabili wawafihla. Wayesethi: “Yebo, impela lawo madoda afikile kimi, kodwa angiwazanga ukuthi avelaphi.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

4 Owesifazane wawathatha amadoda amabili, wawafihla, wathi: “Kwakukhona amadoda eza kimi, kepha bengingazi ukuthi avelaphi;

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UJoshuwa 2:4
9 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Wayesethi u-Elisha kubo: “Le akusiyo indlela, nalona akusiwo umuzi; ngilandeleni, nginiyise kumuntu enimfunayo.” Wabayisa eSamariya.


Ababelethisi bathi kuFaro: “Kungokuba amaHeberukazi engenjengabaseGibithe; anamandla, abeletha, engakafiki umbelethisi kuwo.”


Kanjalo-ke noRahabi isifebe wayengalungisiswa ngemisebenzi yini, ezamukele izithunywa eziphumisa ngenye indlela na?


Inkosi yaseJeriko yathumela kuRahabi, yathi: “Khipha lawo madoda afikile kuwe, angena endlini yakho, ngokuba ezile ukuzohlola izwe lonke.”


kwathi ngesikhathi sokuvalwa kwesango lapho sekumnyama, amadoda aphuma; angazi ukuthi ayaphi lawo madoda; sheshani niwaxoshe, ngokuba niyakuwafica.”


Umuzi uyakwahlukaniselwa uJehova, wona nakho konke okukuwo; uRahabi isifebe kuphela uyakusinda, yena nabo bonke abakuye endlini, ngokuba wazithukusa izithunywa esazithumayo.


Kepha uRahabi isifebe, nabendlu kayise, nabo bonke anabo, uJoshuwa wabasindisa; uhlala phakathi kuka-Israyeli kuze kube namuhla, lokhu wathukusa izithunywa uJoshuwa azithuma ukuba zihlole iJeriko.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ