Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UJoshuwa 2:19 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

19 Kuyakuthi yilowo nalowo ophumela ngaphandle kweminyango yendlu yakho, igazi lakhe libe sekhanda lakhe, thina singabi nacala; kodwa lowo okuwe endlini, igazi lakhe liyakuba sekhanda lethu, uma sibekwa isandla kuye.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

19 Uma kukhona ophumela ngaphandle kweminyango yendlu yakho abe semgwaqweni, kuyoba yicala lakhe uma efa, thina asiyukuba nacala, kodwa uma kukhona othinta noma yimuphi kulabo abanawe endlini, icala lokufa kwabo liyothwalwa yithi.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

19 Yilowo nalowo ophumela ngaphandle kweminyango yendlu yakho, igazi lakhe liyakuba sekhanda lakhe, thina singabi nacala; noma ubani okini endlini, igazi lakhe malibe phezu kwekhanda lethu, uma kukhona isandla esiphezu kwakhe.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UJoshuwa 2:19
23 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

UDavide wathi kuye: “Igazi lakho malibe phezu kwekhanda lakho, ngokuba umlomo wakho ufakazile ngawe, lapho uthi: ‘Ngibulele ogcotshiweyo kaJehova.’ ”


kakhulu kangakanani, lapho abantu ababi bebulele umuntu olungileyo endlini yakhe embhedeni wakhe, angiyikubiza igazi lakhe esandleni senu, nginisuse emhlabeni, na?”


UJehova uyakulibuyisela igazi lakhe ekhanda lakhe, ngokuba wasukela amadoda amabili alungileyo amahle kunaye, wawabulala ngenkemba, ubaba uDavide engazi: u-Abineri indodana kaNeri, induna yempi yakwa-Israyeli, no-Amasa indodana kaJetheri, induna yempi yakwaJuda.


Igazi liyakuba luphawu lwenu ezindlini lapho nikhona; nanxa ngibona igazi, ngiyakudlula kini, ningehlelwa yisifo sokunibhubhisa, lapho ngibulala izwe laseGibithe.


Nothatha isithungu sehisopi,* nisicwilise egazini elisemcengezini, nibhece ikhothamo nezinsika zombili zomnyango ngegazi elisemcengezini; akuyikuphuma muntu emnyango waleyo ndlu kuze kube sekuseni.


Ngokuba uJehova uyakudabula ukuyoshaya abaseGibithe; nanxa ebona igazi elisekhothameni nasezinsikeni zombili, uJehova uyakudlula kulowo mnyango, angamvumeli umbhubhisi ukuba angene ezindlini zenu ukuyobulala.


“ ‘Umuntu olala nomkayise wambulile ubunqunu bukayise; bobabili bobulawa nokubulawa, igazi labo libe phezu kwabo.


“ ‘Ngokuba yilowo nalowo othuka uyise noma unina wobulawa nokubulawa; uthukile uyise noma unina; igazi lakhe liyakuba phezu kwakhe.


ophezu kwendlu angehli ukuyothatha okusendlini yakhe,


Kwathi benqaba, behlambalaza, wathintitha izingubo zakhe, wathi kubo: “Igazi lenu malibe phezu kwamakhanda enu; mina anginacala; kusukela manje ngizakuya kwabezizwe.”


Ngakho-ke ngiyafakaza kini ngalolu suku lwanamuhla ngithi anginacala egazini labo bonke.


uPawulu wathi enduneni yekhulu nasemabuthweni: “Uma laba bengahlali emkhunjini, ningesindiswe nina.”


ngifunyanwe kuyena, ngingenakho ukulunga okungokwami okuya ngomthetho kodwa lokho okuya ngokukholwa nguKristu, ngisho ukulunga okuvela kuNkulunkulu ngokukholwa,


pho, nithi ufanele ukushaywa kangakanani kunalokho lowo onyathele phansi iNdodana kaNkulunkulu, wadelela igazi lesivumelwano angcweliswa ngalo, wahlambalaza uMoya womusa, na?


Ngalokho ake nifunge manje uJehova kimi, njengokuba nginenzele umusa, ukuba nani niyenzele indlu kababa umusa, ningiphe uphawu oluqinisileyo,


Athi amadoda kuye: “Mayife imiphefumulo yethu esikhundleni senu; uma ningavezi obala le ndaba yethu, siyakunenzela umusa neqiniso lapho uJehova esinika izwe.”


Kepha uma uveza obala le ndaba yethu, asiyikuba nacala ngesifungo sakho osifungise sona.”


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ